Ingwanekwane abasolwa ababili bephenduka ‘amakati’ ngenkathi beqa esitokisini!

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abasolwa ababili abaduna izimoto, uMustafa Ali no-Omari Mustafa, beqe esitokisini samaphoyisa eMeyerton kanti kusolwa ukuthi baphenduke amakati emva kokwenza umsindo wezikhova.

Lolu daba lufakazelwe ngisho nayisitatimende esiputshuziwe samaphoyisa, esithunyelwe kuJenene wamaPhoyisa e-SAPS.

“Ngesikhathi sekuyithuba lokuthwesa amacala uMustafa Ali no-Omari Mustafa, amagama abo abiziwe, kodwa abatholakalanga ezitokisini,” sifundeka kanjalo isitatimende esibonwe i-Scrolla.Africa.

Omunye wabasolwa ezitokisini utshele abakhuzi bamaphoyisa ukuthi laba baphenduke amakati base benyamalala.

Lesi sigameko senzeke phakathi kwamabili ngoLwesibili ngomhlaka-16 kuNtulikazi.

Amaphoyisa abophe abasolwa abangu-11 ngokuduna izimoto nokutholakala nempahla eyebiwe neloli elidunwe nomthwalo walo.

Abasolwa bayiswe ezitokisini zamaphoyisa aseMeyerton.

Amaphoyisa athi umsolwa esitokinini, u-Erick Tumbulu uwatshele ukuthi ubone amadoda amabili ebanga umsindo wezikhova ongaqondakali, aphenduka amakati abaleka isango likhiyiwe.

“Lo msolwa ubezimisele ngisho ukusho lokhu ebhokisini,” kusho isitatimende.

Omunye wamaphoyisa abesemsebenzini ukuqinisekisile lokhu, uthe uTumbulu uchaze ukuthi abasolwa baphenduke kanjani amakati babaleka.

Iziphathimandla zivule idokodo lokweqa esitokisini esisemthethweni zase ziqala uphenyo ngalaba bobabili.

Udaba selubikiwe kubaphathi abaphezulu be-SAPS kanye nophiko oluzimele lophenyo lwamaphoyisa ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Isithombe esingenhla: Isiteshi samaphoyisa saseMeyerton lapho abasolwa ababili okuthiwa baphenduke amakati babaleka esitokisini.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva