Ingwadla kusula ongqongqoshe

Arthur Greene

UNdunankulu wase-UK uBoris Johnson uhlangabezane nengwadla  ngoLwesibili, ngesikhathi oNgqongqoshe bakhe ababili wezeziMali nowezeMpilo besula ngokulandelana ngemuva kwemizuzu emihlanu.

Ngemuva kwemizuzu embalwa nje uJohnson exolise esidlangalaleni ngehlazo lakhe lakamuva – eqoka indoda ayazi kahle ukuthi isolwa ngokuziphatha kabi ngokocansi – uNobhala wezeMpilo uSajid Javid umemezele ukuthi uyasula.

Ngemuva kwemizuzu embalwa nje, uShansela we-Exchequer uRishi Sunak uye walandela, washiya ikhabinethi kaJohnson isengozini.

Ukwesula kwabo kulandelwe abanye angqongqoshe abancane abambalwa.

Encwadini yokusula uSunak ubhale wathi: “Umphakathi ulindele ukuthi uhulumeni aphathwe ngendlela efanele, ngobuchule nangokucophelela. Ngiyabona lokhu kungase kube umsebenzi wami wokugcina wokuba uNgqongqoshe, kodwa ngikholelwa ekutheni lezi lo mgomo kufanele ulalelwe yingakho ngisula esikhundleni.”

Khonamanjalo, uJavid ubhale wathi: “Abantu baseBrithani nabo balindele ubuqotho kuHulumeni wabo. Indlela oziphatha ngayo njengomholi, nezimiso ozimelayo, zimele ozakwenu, iqembu lakho kanye nezwe lonke,”

Kumele bengakhohlwa ukuthi uSunak noJavid baye bathembeka kuJohnson phezu kwamanye amahlazo amaningi.

Kodwa-ke, lo mbango, ubukeka ungaphezu kwamandla oNgqongqoshe, asebethathe isinqumo sokuthi kungcono bashiye uNdunankulu.

Le ndaba igxile kuChris Pincher, iPhini likaSotswebhu kahulumeni, obhekene nezinsolo zokuthi ubephumputha amadoda amabili ngesikhathi edakiwe endaweni yokucima ukoma ezimele.

Kodwa-ke, ngokuhamba kwesikhathi kuvelile ukuthi uJohnson ubesevele azi ukuthi uPincher unedumela lokungaziphathi kahle ngokocansi, kodwa uqhubekile wamnika isikhundla esiphezulu ngemuva kokukwaziswa ngalokhu.

Lokhu kuvule ithuba lokuthi oNgqongqoshe basule esikhundleni.

Ukwesula kukaSunak noJavid kulesi sigaba kukhombisa ukuthi isikhundla sikaJohnson sisencupheni – kanti abantu bacabanga ukumketula.

Kodwa kusukela ngoLwesithathu ekuseni, umholi uyazabalaza ukubona olunye usuku.

Ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesibili uhulumeni umemezele ukuthi ongene esikhundleni sikaSunak sobuShansela uNgqongqoshe wezeMfundo uNadim Zahawi, ngesikhathi uSteve Barclay emenyezelwa njengoNgqongqoshe wezeMpilo.

Izihloko zakamuva