Ingwadla kufa amakhamera emgwaqeni

Abashayeli bezimoto edolobheni laseGoli bajabulela ukuphula umthetho ngaphandle kokujeziswa noma ukuchitha isikhathi ezitokisini zamaphoyisa ngenxa yesivinini esiphezulu.

Ayikho neyodwa ikhamera  edolobheni esebenzayo.

Amaphoyisa athi anethemba lokuthi abashayeli bazolandela imithetho yomgwaqo bangashayeli budedengu.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli uXolani Fihla ukuqinisekisile ukuthi idolobha lilahlekelwa izigidi zamarandi ngenxa yokuthi amakhamera awasebenzi.

UFihla uthe amakhamera agada  ijubane lokuhamba kwezimoto aqala ukungasebenzi kusukela ngomhlaka-31 kuNhlaba nyakenye. 

“Idolobha belithola u-R3 million ngenyanga, kodwa alisakwazi ukuyithola lemali ngenxa yamakhamera angasebenzi,” kusho uFihla.

Konke ukushushiswa kwejubane edolobheni kwamiswa kusukela ngomhlaka-31 kuNhlaba nyakenye. 

UMnyango Wamaphoyisa kaMasipala waseGoli uthi ithenda yokulungisa noma yokuhlinzeka ngamakhamera agada ijubane edolobheni ivele yavalwa ekuqaleni kwale nyanga futhi banethemba lokuthi udaba luzoxazululwa ekupheleni kukaNhlangulana.

Izihloko zakamuva