Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Banokungabaza ngezinga labafundi abaphuma ekolishi yamaphoyisa ngemuva kokuvela ukuthi amakolishi ashoda ngabaqeqeshi abangu-358.
Umbiko wethulwe ekomidini lamaphoyisa ngoLwesithathu mayelana nenqubo yokuqasha elandelwa ukubhalisa abantu abasha kanye nokubuyekezwa kwesimo sokuqasha kuka-2023/24.
USihlalo wekomidi, uTina Joemat-Pettersson uthe ukuqeqeshwa ngendlela efanele kwezikhulu kubalulekile.
“Ukushoda kwabaqeqeshi kuzobeka engcupheni izinga lokuqeqesha elidingekayo ukuze kukhiqizwe amaphoyisa asezingeni azokwazi ukulwa nobugebengu.”
Uthe ukuze kuqinisekiswe ukusebenza kahle kwamaphoyisa kumele kube nemizamo yokuthola abaqeqeshi abanamakhono.
Izinga lamaphoyisa lizokhinyabeza izinhlelo ezibekwe uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesizwe zokwengeza amaphoyisa ukuze ezosiza ukulwa nezinga lobugebengu elishaqisayo ezweni.
Lokhu kuhlanganisa ukufaka amaphoyisa amaningi emigwaqeni nokusungula amathimba akhethekile azobhekelela ubugebengu.
Ikomidi liphinde lacela ukuthi uMnyango wamaphoyisa uye kuMgcinimafa Kazwelonke kanye noMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda (DPWI) mayelana nesimo esibi sezikhungo zokuqeqesha.
Izikhungo okuhlalwa kuzo abafundi abaqeqeshwayo ziyawohloka futhi zithathwa njengezingaphephile ukuhlala kuzo.
Ikomidi liphinde laphakamisa ukukhathazeka ngezinsolo zokucwasana nenkohlakalo ohlelweni lokuqasha.
“Sicela abaphathi bakwa-Saps ukuthi baqinise izinqubo futhi baqede uhlelo lokufaka izicelo mathupha ukuze kunqandwe inkohlakalo.
“Sinxusa umnyango ukuthi uphothule uphenyo ngezinsolo zenkohlakalo futhi ukhiphe labo abathintekayo embuthweni.
Isithombe esingenhla: Usuku lokuthweswa kweziqu lwamaphoyisa
Umthombo wesithombe: UKarabo Rammutla