Lubhalwe nguZukile Majova
Ngesikhathi kuphela ingqungquthela yezinsuku ezinhlanu ye-ANC iqembu elibusayo lishiye abantu bakuleli, abatshalizimali kanye nomhlaba wonke ebumnyameni ngekusasa lezwe.
Ingqungquthela kazwelonke yokukhetha ubuholi ebingahlangananga nje kuphela ukuze kukhethwe ubuholi obusha, ivalwe izolo ngaphandle kweziqondiso zenqubomgomo mayelana nenkinga yezamandla esongela ukubuyisela emuva okuzuzwe eminyaka engu-30 edlule.
Ngesikhathi izithunywa ezingu-4 000 ziphuma endaweni obekubanjwe kuyo ingqungquthela e-Nasrec, eGoli inkampani ehlinzeka ugesi u-Eskom iye yafaka izwe esigabeni sesithupha sokucishwa kukagesi.
Lokhu kusho ukucishwa kukagesi amahora ayisishiyagalombili kuya kwangu-12 ngosuku.
Ukucishwa kukagesi kwehlise umnotho wafinyelela ku-1.7%.
Umhlahlandlela ngenqubomgomo mayelana nenkinga kagesi, ukukhishwa ngobuningi kwezixazululo zamandla kagesi avuselelekayo kubakhiqizi abazimele kanye nokusetshenziswa kwemali esikhathini esizayo kwingqalasizinda egugile yakwa-Eskom bekufanele kube yimiphumela ebaluleke kakhulu yengqungquthela kazwelonke ka-55.
Kunalokho kugcwele ukudideka kwi-ANC mayelana nekusasa lakwa-Eskom njengoba izithunywa zikhuluma kabi ngezinhlelo zokunciphisa ukusetshenziswa kwamalahle ukuphehla ugesi.
Esithangamini sosomabhizinisi ngosuku lwesithathu lwengqungquthela, uMphathi woMkhandlu wamaBhizinisi abaMnyama u-Elias Monage uye wagxeka umbono wokuthi izinselelo zakwa-Eskom zizoxazululwa ngamandla elanga nomoya.
UMengameli uRamaphosa akashayelwanga ihlombe kwi-ANC ngokuthola imali engaphezu kuka-R131 billion kubaholi bamazwe ngamazwe ukuze kuxhaswe elakuleli ngokuguqula amalahle ekutheni enze ugesi ohlanzekile okuhlanganisa ne-green hydrogen.
Abanye abantu abasondelene naye okuhlanganisa noNgqongqoshe weziMbiwa phansi Mandla uGwede Mantashe – osanda kuthola ihlandla lesibili njengosihlalo weqembu – bajabulele ukwesula esikhundleni kwesikhulu sakwa-Eskom Group u-Andre De Ruyter.
Ngemuva kwezinsuku ezimbili ezimosheke kubhaliswa izithunywa, le ngqungquthela ibe umbango wezikhundla nokulobizela ukuba semandleni .
Isinyathelo sokushenxa esikhundleni? Lutho.
Akuphumanga lutho embikweni weKhomishini yobuqotho mayelana nokugetshengwa kwepulazi i-Phala Phala okucishe kwenza uMengameli wagudluzwa ephalamende.
Ezinye izindaba eziphuthumayo obekulindeleke ukuthi kukhulunywe ngazo kule ngqungquthela zihlanganisa imiyalo yokumasha yokulwa nenkohlakalo ikakhulukazi ezikhundleni zikahulumeni kanye nokuqaliswa kweziphakamiso zoMbiko wokuLawulwa KoMbuso weJaji uRaymond Zondo.
Namanje awukho umkhombandlela ocacile wokuthi i-ANC ihlela ukubhekana kanjani nezivumelwano zokubusa ngokubambisana ezidala ukuntengantenga komasipala abaningi okubalwa kubo owaseGoli, wase-Tshwane, wase-Ekurhuleni, oweTheku kanye nowaseNelson Mandela Bay.
UNobhala osanda kukhethwa uFikile Mbalula uthe okungaphothulwanga engqungqutheleni kuzophuthulwa mhla zinhlanu kuMasingana ngonyaka ozayo ukuze kuqinisekiswe imigomo nokuthi kwamukelee izinqumo zengqungquthela.
Esithombeni esingenhla: URamaphosa ethula inkulumo yakhe yokuvala engqungqutheleni kazwelonke ye-ANC ka-55 eneziqondiso eziningi zenqubomgomo ezisasele.
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo