Lubhalwe ngu-Aneesa Adams
Abaculi abaningi abadumile baphume ngobuningi babo bebonakala behamba kukhaphethi obomvu emcimbini wama-Grammy Awards 65. Iningi labo belibukeka ligqoke imfashini eseqophelweni eliphezulu, kodwa abambalwa bagqame ngezizathu ezingezinhle.
Abaculi baseMzansi uZakes Bantwini, uWouter Kellerman noNomcebo Zikode bagqame hhayi nje ngengqephu abebeyigqokile kuphela, kodwa ngokuhlabana ngendondo ye-Best Performance emkhakheni we-Global Music ngengoma yabo eshisa izikhotha ethi, Bayethe.
Abaculi abebegqoke kahle
1. UNomcebo Zikode ubukise ngengubo yakudala kaGert Johan Coetzee futhi uyena wokuqala obegqoke kahle kakhulu.”
2. UJenny akakaze ashaya eceleni. UJennifer Lopez ubegqoke i-Gucci.
3. Usaziwayo wesithathu ongene ohlwini lwethu uDoja Cat, ngengubo yakhe emubambayo emnyama ye-latex ka-Atelier Versace.
4. UJack Harlow uthatha indawo yesine ebukeka emuhle nesudi ye-tan eyigqoke namagilavu esikhumba amnyama, hhayi uyikhombisile ngempela omfashini.
5. Owokugcina uMegan Fox nesithandwa sakhe uMachine Gun Kelly, abaphendule amakhanda ngezingubo zabo ezinhle ezicwebezelayo futhi sijabulile ukubabona.
Abakade begqoke kabi
1. Njengoba abaningi bemuthanda uLizzo, kodwa kulokhu uhlulekile ukugqoka. Imibala yezimbali ezibomvu? Bekubukeka sengathi usuku lwezithandani lusheshe lafika ngaphambi kwesikhathi kulo nyaka.
2. UMary J Blige naye usidumazile. Ingubo esikiwe kanye nensimbi? Ingabe ubezama ukubuyela kwi-Back to the Future?
3. UHarry Styles uwine imiklomelo eminingi, kodwa wehlulekile ukugqoka njengoba ubegqoke into engaqondakali.