Ingqalabutho yomculo uDokotela uRebecca Malope uzohlonishwa ngendondo

Dylan Bettencourt

Ingqalabutho yomculo uDokotela uRebecca Malope uqokwe njengomunye wabahlomule indondo yesizwe, enikezwa izakhamuzi ezisebenzele ukuthuthukisa intando yeningi nezithuthukise kakhulu izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.

UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele uhlu lwalabo abazothola imiklomelo ngomhla ziyi-18 kuLwezi.

Imiklomelo izonikezwa abantu abasemkhakheni wezobuciko, ezemidlalo, ezamasiko, izincwadi, umculo kanye nobuntatheli.

Lo mklomelo uphinde uhlonze labo abahlose ukuthuthukisa umphakathi ongacwasi ngokwebala, wentando yeningi futhi ongacwasi ngokobulili njengoba kuhloswe ngawo kumthethosisekelo waseNingizimu Afrika.

UMalope uzothola indondo yesiliva ngeqhaza lakhe emculweni waseNingizimu Afrika njengoba iphimbo lakhe eliyingqayizivele liletha injabulo kwabaningi ezweni lonke ngomyalezo ozwakalayo wevangeli.

Bangaphezu kwenani elingama-30 abantu abazokwamukela imiklomelo yabo kanti abanye bazohlonishwa uma sebeshonile.

“UMengameli uCyril Ramaphosa uzonikeza abafanele ukuthola i-Order of Mendi for Bravery, i-Order of Ikhamanga, i-Order of the Baobab, i-Order of Luthuli kanye ne-Order of the Companions of OR Tambo,” kusho umphathi we-National Orders and Director-General eHhovisi likaMengameli uPhindile Baleni.

Lo mklomelo ukhishwa minyaka yonke kusukela wasungulwa ngonyaka wezi-2003.

Umthombo wesithombe: @Mgosi 

Izihloko zakamuva