Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ingqalabutho yomculi uBabsy Mlangeni uthi usanezingoma ezanele ukubhekelela abantu bonke abadala nabancane.
Lo mculi oneminyaka engu-80 ubudala usekhiphe ingoma yakhe yakamuva ethi, “Kumnandi” edidiyelwe isihlabani se-kwaito uJoe Nina.
Le ngona iyinhlanganisela yesigqi sama-piano ne-kwaito.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Scrolla.Africa lo mculi wodumo lwengoma ethi “Sala Emma” uthe uzoyeka ukucula uma esengaphansi komhlabathi.
Uqale ukusebenza ngengoma eyodwa ngasekupheleni konyaka odlule kodwa wanquma ukucela uNina ukuthi alethe umuzwa omnandi kuyo.
“Wonke umculi kumele aqanjwe kabusha ukuze akwazi ukubhekelela isizukulwane esisha.”
“Sengikhiphe izingoma ezimbili lapho abalandeli bami bakudala bezokwazi ukuhambisana nayo kanye nengxubevange eyisigqi se-piano kubalandeli abancane,” usho kanje.
Lo mculi owine izindondo wengeze ngokuthi ubheke ukukhipha i-albhamu maduze nje.
“Okwamanje ngiyangabaza njengoba umculo ungadayisi njengakudala ngenxa yesimo somnotho.
“Ngizobona ukuthi i-single ne-EP zithandwa kangakanani bese ngiqhubeka phezu kwalapho,” kusho yena.
Ikhefu elikhulu likaMlangeni kwaba ngo-1968 ngesikhathi ekhipha ingoma ethi, “Sala Emma”, ingoma eyayithandwa abantu bonke abadala nabancane.
Yize lo mshayi wesiginci nomqambi wezingoma naye engene kwezamabhizinisi uthi umculo uwuthando lwakhe lokuqala.
Usanandisa emicimbini eyahlukene futhi ugcina abalandeli bakhe bemi ngezinyawo.
“Ngisenamandla futhi ngiwumqemane. Ayikho into ezongibambezela ngaphandle kokufa futhi nalapho uma kungifica kuyongifica esiteji ngenza into engiyithandayo,” usho kanje.
Isithombe esingenhla: UBabsy Mlangeni
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe