Ingqalabutho kamaskandi isithole umsebenzi wokulingisa

Linda Ximba

Ingqalabutho yomculo kamaskandi uBheki Ngcobo odume ngelika-Hhashi Elimhlophe usethole umsebenzi wokulingisa.

Le ngqalabutho edabuka KwaZulu-Natal ingomunye wabalingisi abahamba phambili emdlalweni othi uZulu noMhlaba owuchungechunge olusha oluzokhonjiswa kuMzansi Magic ekupheleni kwenyanga.

Leli yithuba lesibili likaNgcobo lokuba phambi kwekhamera ngemuva kokudlala indawo kaNkosi uNdukuzakhe emdlalweni owuchungechunge othi Ifalakhe kuMzansi Magic ngo-2019.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa lo mculi (62) uthe ukujabulele ukuba yingxenye yabalingisi.

Uncokole ngokuthi uthole umsebenzi wokulingisa ngoba unkosikazi wakhe ongumculi uLinah naye ungumlingisi. Unkosikazi wakhe uke walingisa ku-Muvhango kanye nakwi-Giyani ku-SABC 2.

“Lento yokulingisa yenzeka ngenhlanhla ngoba angikaze ngicabange ukuthi ngingaba phambi kwekhamera ngifunde okubhalwe phansi,” kusho uNgcobo.

“Kodwa ngicabanga ukuthi abaqondisi babone okuthile okukhethekile kimina futhi ngiyakwazisa lokho ngoba bahlezi bengishayela ucingo. Ngenhlanhla nginomndeni ongesekayo ongigqugquzele ukuthi ngithathe leli thuba ngezandla zombili.

Uthe umdlalo wakumabonakude uZulu noMhlaba ugxile kubaculi bakamaskandi ababili abaxabanayo bebanga umculo. Kamuva bathola ukuthi baxhumene kakhulu kunalokho abebekucabanga.

Ngaphandle kokugqamisa abalingisi beSibaya u-Ernest Ndlovu, u-Ayanda Borotho kanye nomlingisi woZalo uNothando Ngcobo, lo mculi uwaduma  ngengoma ethi “Nkiyankiya” uthe indodana yakhe uNathi nayo iyalingisa.

Lolu chungechunge lwenzeka oLundi, okungenye yezindawo zaKwaZulu-Natal ezigxile emasikweni. Lo mdlalo uzoqala ukukhonjiswa kumabonakude ngomhlaka-30 kuMfumfu.

Isithombe esingenhla: Ihhashi Elimhlophe

Umthombo: Daily Sun

Izihloko zakamuva