Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Imoto yamaphoyisa ishayisane nenye imoto ezimpambanweni zomgwaqo e-Eersterivier kwangabikwa muntu olimele.
Isakhamuzi sendawo sithi amaphoyisa avame ukushayela budedengu endaweni.
Amaphoyisa aseqalile uphenyo ngengozi eyenzeke phakathi kwemoto yamaphoyisa nenye imoto e-Eersterivier, eKapa.
Ingozi yenzeke ekhoneni lika-Hindle Road no-Forest Drive ngoLwesibili ngomhlaka-11 kuNhlolanja ka-2025 cishe ngo-3.15 ntambama.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uSergeant Wesley Twigg uthe bayaphenya ngokwenzekile.
“Singakuqinisekisa ukuthi abekho abalimele ababikiwe,” kusho uTwigg.
Ngesikhathi amaphoyisa esaphenya, abanye abantu bakule ndawo bathi bayazi ukuthi ngubani odale le ngozi.
Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sithe amaphoyisa ajwayele ukushayela budedengu endaweni.
“Ngeke sikubalekele ukuthi iningi lamaphoyisa alikwazi ukushayela, futhi siyawabona ezigamekweni ezifana nalezi, uma bengashayisi ezindlini zabantu badala izingozi emgwaqeni,” kusho isakhamuzi.
Wengeze ngokuthi imoto yamaphoyisa icishe yashayisa imoto yakhe muva nje.
Amaphoyisa acela ongaba nolwazi ngale ngozi ukuthi athinte iCrime Stop ku-08600 10111.
Esithombeni esingenhla: Isithombe esithathwe kwividiyo ethunyelwe.
Umthombo wesithombe: Isithombe esithathwe kwividiyo