Ingozi enkulu ngesifo i-Covid-19

Okwenza ukuthi i-Covid-19 ibulale abantu abaningi kangaka ingoba abantu abangenwe yileli gciwane abanazimpawu.

Ngaphandle kokwazi ukuthi banalo, onegciwane angathelela abaningi kakhulu, ebese impilo yalabo asebethelelekile iba sengozini noma engcupheni yokubulawa igciwane.

EBrithani, enye yezindawo ezihamba phambili nge-Covid-19 emhlabeni jikelele, idatha yemininingwane entsha ikhombisa ukuthi iphesenti labantu abangama-80 abahlolelwa igciwane abakaze bakhombise izimpawu. Cishe abantu abayi-40 000 eBrithani babulewe yilesi sifo.

Imininingwane ikhombisa ukuthi kubaluleke kakhulu ukuhlolelwa igciwane.

Izihloko zakamuva