Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ibhodi leNgonyama Trust lifuna uhulumeni akhokhe irenti ngokusebenzisa izikhungo ezakhiwa emhlabeni wayo ezindaweni zasemakhaya esifundazweni.
Lokhu kuvezwe owayengusihlalo webhodi iJaji uJerome Ngwenya kwividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana.
KwaZulu yayingezinye zezindawo ezazizimele ezakhiwe uhulumeni wobandlululo.
Lezi zikhungo zihlanganisa izikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo, imitholampilo, izikole nezinye izakhiwo zomphakathi.
“Sifuna uhulumeni akhokhe ngokusebenzisa zonke izakhiwo zomphakathi ezakhiwa uhulumeni waKwaZulu empeleni besivele sixoxisana nohulumeni ngalolu daba kodwa angazi noma labo asebethathe izintambo kwibhodi leNgonyama Trust bazoqhubeka yini nalolu hlelo,” kusho uNgwenya.
“Zibalelwa ku-3 000 izikole ezingaphansi komhlaba weNgonyama Trust ezakhiwa uhulumeni waKwaZulu ezisetshenziswa uhulumeni okhona.”
Usihlalo wamanje webhodi leNgonyama Trust, Inkosi uThanduyise Mzimela ukuqinisekisile ku-Scrolla.Africa ukuthi uNgwenya useke wambikela ngalolu daba.
“UNgwenya ungibikele ngalolu daba kodwa akukho engingakusho ngingedwa ngoba ibhodi kumele lithathe isinqumo ngokuhlanganyela. Uma kuwukuthi isinqumo besivele sithathiwe ibhodi langaphambilini angiboni kufanele siphambuke kuleso sinqumo,” kusho uMzimela.
UMzimela uthe kuze kube manje akukacaci noma lolu hlelo ngolwezakhiwo zomphakathi ezakhiwe uhulumeni waKwaZulu kuphela yini noma luzodlulela nakulezi ezakhiwa uhulumeni okhona.
INgonyama Trust ibilokhu ibhekene nengwadla ngemuva kokuqokwa kwamalungu amasha ebhodi.
Lokhu sekudale impi enkulu phakathi kweSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini noNdunankulu waso uMntwana uMangosuthu Buthelezi.
Ngisho nabaholi bezinkolo ezahlukene bazamile ukungenelela ngemikhuleko ukuzama ukuxazulula lolu daba.
Esithombeni esingenhla: Owayengusihlalo webhodi leNgonyama Trust iJaji uJerome Ngwenya