Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
EzaseBukhosini: Njengoba izwe lilungiselela ukumenyezelwa kwemiphumela kaMatikuletsheni , izingane eziningi zasemakhaya ezizobe ziphase kahle ezingaphansi kwezindawo zamakhosi ziyabikelwa ukuthi zizoyithathaphi imali yokuya emaNyuvesi.
Iningi lalezi zingane zihlala emihlabeni yokhokho bazo enothe ngezigidi zamarandi eziqoqwa Ingonyama Trust.
Lokhu kuphonsa inselelo kuyo qobo Ingonyama Trust ukuba isukume izithathe,ibhekelele ikusasa lalezi zingane ngemali ethathwa emhlabeni wamakhosi.
Iningi lalezi zingane zivamise ukuphasa ngamalengiso kodwa ukweswela ulwazi nemali, zigcina ziyohlala emahostela eGoli naseThekwini bese zingena ebugebengwini.
Ezamantombazane zona zigcina zingena esonweni sokudayisa ngemizimba zigcine sezigula kuphele kanjalo ngekusasa lazo.
Kwezinye izikhathi lezo ezisuke zibenenhlanhla, ziyasizakala komasipala abakulezi zindawo ezisemakhaya.
Labo masipala bagcina sebengenelela ngokuxhasa ngemali yokuba lezi zingane zikwazi ukungena ezikhungweni zemfundo ePhakeme.
Abanye omasipala sebeze bakhanda ubudlelwano nezikhungo zeMfundo ePhakeme ngoba befuna kusizakale lezi zngane ezisuka ezindaweni ezisacindezelekile ngolwazi nangokomnotho.
Kodwa Ingonyama Trust kukho konke lokhu isuke ingabonwa nangokhalo, yize iqoqa izigidi zamarandi ezindaweni zamakhosi aphethe imihlaba okusuka kuyo lezi zingane.
Okubuye kufake amahloni ukuzwa ukuthi Ingonyama Trust ikhipha izigidi zamarandi ezintweni okubalwa kuzo kwesinye isikhathi amacala aseNdlunkulu kodwa izingane zemiphakathi esemihlabeni yamakhosi azitholi ngisho indibilishi ukuze ziqhubeke nezifundo zazo.
Ukube kuyangami ngabe Ingonyama Trust isika iphethini ebukhosini abaBafokeng.
Lobu bukhosi bunesikhwama esibizwa ngokuthi iRoyal Bafokeng Holdings engaphansi kweRoyal Bafokeng Nations Development Trust ekhipha imifundaze njalo ngonyaka ukuze izingane zezizwe zaBafokeng zithole uxhaso kwezemfundo.
