Ingoma yomphefumulo wami 

Everson Luhanga

Incwadi evela e-Limpopo: UThabiso Sekhula ukhumbula izinkumbulo zakhe esemncane emculweni futhi uthi umdanso i-The Step iwona omjabulisa kakhulu, njengoba uhlanganisa abantu ngaphezu kwebhola likanobhutshuzwayo, elombhoxo nama-braais kuhlangene.

Enjabulweni yethu kukhona umculo nomdanso.

Kuzo zonke izimo zami, imizwa, ukwehla nokwenyuka ngihlezi ngicabanga umculo. Ngesikhathi ngibeletha indodakazi yami eminyakeni emine edlule, i-albhamu kaBurna Boy ethi-“African Giant   yayisanda kuphuma, futhi le -albhamu ngangiyilalela kakhulu ngesikhathi sokukhulelwa kwami ​​nokuzalwa kwendodakazi yami.

Ngisakhula, ngezinsuku zokuhlanza ngoMgqibelo nomama nodadewethu kwakuhlezi kunezingoma zamaKhatholika ezidlalayo. Kuze kube yilolu suku lezi zingoma ziyadlala engqondweni noma njalo uma ngithatha i-mop.

Futhi ubudlelwano bami nabangani bami basesikoleni esiphakeme babesekelwe ekutheni zingaki izingoma abanazo ezincwadini zabo zomculo nasekutheni umuntu uyayenza yini imidanso edumile yangaleso sikhathi.

Ngamazwi amahle omthwebuli wezithombe wase-Limpopo uTC Maila othwebula izithombe ezinhle kakhulu zabadansi bendabuko be-Sepedi aphinde ezihlobise kahle ngokukhanya okumangalisayo nangemibala, “akukho kithina ukuthi umculo wenzani kithi”.

Kuleli sonto bengifuna ukuhlola izinkumbulo zami zakudala zomculo, hhayi umculo ozwakala emsakazweni noma kumabonakude kodwa umculo obukhoma engakhula ngawo, nokuthi umeleni.

Njalo ngoZibandlela kulesi sigodi kwakudlalwa imidlalo yeshashalazi. Nakuba amakhulu ezingane zazisuke 

zisemigwaqeni ngoSuku lukaKhisimusi zigqoke izingubo zazo ezintsha, kwakuhlezi kunemisindo yezigubhu nezimpondo ze-kudu ezidlalayo.

Kuyo yonke imigwaqo kwakubakhona umgubho ohambisana nomculo nokudansa, kungakhathaliseki ukuthi uyawazini umndeni okhalisayo kanti nomsindo wezigubhu bekuba isimemo esasenza ukuthi sonke siye kulowo muzi. Lezo kwakuyizinkumbulo zami zokuqala emphakathini.

Abesifazane abadala babegqokiswa ama-dituku e-Sepedi, bebhinca amabhayi ayimibalabala anobuhlalu, namateku amhlophe qwa. Maphakathi negceke, babenza indilinga, ngezigubhu ezinkulu phakathi nendawo.

Babedansa endaweni engenalutho egcwele uthuli – kwakubonakala sengathi kunohlelo oluthize abadansa ngaloukuze amateku abo amhlophe angathintwa noma abantu abaseduze bangaphazamiseki. Sonke sasihlabeka umxhwele ngamaphethini ababewenza ngesikhathi ngamunye bedansa i-trance.

Isigqi sasihlezi siqala kancane futhi sakha isigqi ngokushesha okukhulu, imilenze yabo yayinyamalala uma beshaya phansi kwakheka esinye isigqi esihambisana nezigubhu.

Amadoda ayengena ngokushesha ngemuva kwalokho bese kuzwakala uphondo lwe-kudu lisho esibhakabhakeni ukuze benze imidanso yabo emangalisayo. Abanye abesilisa babengena bedanse i-dinaka/kiba okuwumdanso owenziwa amadoda okusetshenziswa izinyawo nemizimba – inhlanganisela yokugxuma okusheshayo kakhulu nokunyathela phansi.

Ngesikhathi ngikhula ngafunda ukuthi imidanso ayizenzakaleli; iyimiyalezo nemithandazo ezingxenyeni ezithile zamasiko kanye nemigubho.

Babedansa ihora lonke, begxumela phezulu njengamaqhawe ama-Maasai futhi benza ubuso bempi, bejikijela imizimba yabo phansi ngokudansa okwakubonakala kubuhlungu kakhulu, kodwa akekho owayeba nesibazi noma izinhlungu zokudansa.

Le midanso nokushaya izigubhu bekuhlezi kuletha imvula. Ugogo wayewabiza ngokuthi i-dinaka pula, izimpondo zemvula. Abantu abadala babecasha ngaphansi kwezihlahla ngesikhathi thina sinetha kakhulu ngoKhisimusi. Impela imvula yayihlezi ina ngoKhisimusi, kodwa ngikhetha lezi zinkumbulo nemilingo yazo.

Ngemigubho yamaholidi, ekuphakameni kwenjabulo yethu, izi-xhibelani ziyaphuma. I-Xhibelani isiketi sesi-Tsonga sendabuko esenziwe ngovolo noma indwangu futhi senza ihaba uma udansa.

Umdanso wenziwa emicimbini eholwa omamncane bomndeni. Ikhombisa izikhathi ezijabulisayo, imibuthano, izinsuku zokuzalwa kanye nokugubha impumelelo. Ingenye yemidanso ethandwa kakhulu futhi awukwazi ukuyenza ngaphandle kokumamatheka ebusweni bakho. Lona umdanso owaduma entsheni kaSho Majozi.

Kodwa mhlawumbe umdanso ogcina izinkumbulo zami ezingijabulisa kakhulu ngisho sengimdala i-The Step, isimemo sakuleli sokudansa. I-Step umdanso ohlanganisa abantu ngaphezu kwebhola likanobhutshuzwayo, elombhoxo kanye nezoso.

Awukwazi ukungaluqondi kahle ulimi lwe-The Step. Waqalwa ngengoma edidiyelwe eMzansi eyayithandwa kakhulu kaMafikizolo ethi “We bhuti ngihamba nawe.” Akekho okufanele asho noma yini; ukudansa kuzoqala ngomuntu oyedwa bese ubona wonke umuntu osegumbini eba yingxenye yomdanso.

Kufanele uzizwele ukuze ubone umlingo ngesikhathi umculo usenza sishone phansi, futhi imizuzu emithathu leli culo elikhazimulayo lisenza sibe munye – futhi sijabule ngendlela engalawuleki kangangokuthi uma singadansi, singavele siqhume.

Esithombeni esingenhla: UThabiso, odadewabo kanye nomama ngesikhathi somcimbi wokubungaza ngoKhisimusi.

Umthombo Wesithombe: Thabiso Sekhula

Izihloko zakamuva