Ingoma yentsha yangowezi-1976

Sizwe Sibiya

I-Gauteng izohlangana neKwaZulu-Natali mhla ziyi-16 kuNhlangulana lapho abaculi abaqhamuka kuzo zombili izindawo eziqavile zakuleli uBeastDaMaharaj noTouchline behlangene ukukhipha ingoma yabo yokuqala ndawonye.  

Ingoma ibizwa ngokuthi “Gcwala Ngegosti,” okuyigama lesitsotsi elisho ukuthi “Hamba uyophanta noma uvuke usebenze.”

UBeastDaMaharaj, odabuka eNdwedwe e-KZN, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bazoyikhipha ngosuku lwentsha ngenhloso yokuhlonipha izishoshovu ezingasekho ezazilwela amalungelo abantu.

“Sikhumbula abantu okwafanele babeke izimpilo zabo emgqeni ukuze basinikeze ikusasa elingcono,” kusho lo mrepha, umsakazi nonjiniyela wezokuxhumana oneminyaka engama-28.

UBeastDaMaharaj, owavulela uDavido ngowezi-2017 emcimbini eThekwini, uthe wahlangana noTouchline egigini okwabelwana kuyo ngenkathi esebenza ohlelweni olwalucinga ithalente ku-SABC 1 i-One Mic. Lolu hlelo lwamenza ukuba aziwe kuzwelonke.

“Saqala ukushintshana ngemibono nangamabhithi. Yilapho esenza khona ‘iGcwala Ngegosti ’,” kusho yena.

Ngesikhathi ekhuluma ngentuthuko yakhe yokusebenzisana noTouchline, ubuye wakhuluma ngesiqalo sakhe njengomculi.

Wayengeyena uBeastDaMaharaj; ngowezi-2012, wayezibiza ngoYoung Beast waze umngani wakhe wamtshela ukuthi “uhlangane nomfana obizwa ngoYoung Beast.” Ngakho-ke, kwakudingeka ashintshe igama lakhe wazibiza ngoBeastDaMaharaj ngoba uMaharaj usho ukuthi “ubukhosi” ngesi-Arabhu.

“NginguBeast The King,” kusho uBeastMaharaj, naye othe waqala ukubhala umculo ngesikhathi enokhwantalala. Ngaleso sikhathi ngowezi-2014, wayebhalisele ukwenza izifundo ze-Audio Engineering and Music Composition ngaphansi kwe-Soul Candi e-Boston City College.

Ingoma yokuqala yalomrepha yayithi- “It’s My Party,” yaphuma ngowezi-2014 l, yalandelwa yi-mixtape enesihloko esithi Ayihlome eyakhishwa ngowezi-2016.

Uthe ngemuva “kweGcwala Ngegosti,” abalandeli be-hip-hop bangalindela ezinye izingoma ezimbalwa, ngaphambi kokukhishwa kwe-EP asebenza kuyona njengamanje njengomculi ozimele.

Izihloko zakamuva