Everson Luhanga
Umsunguli webandla le-Gabola, uPope Tsietsi Makiti, ukhiphe ingoma ebizwa nge “Gabola anthem volume 1”.
Abanikazi bendawo yokucima ukoma, abangababhishobhi abakhulu baleli bandla, bathembise ukuthi le ngoma bazoyenza “iculo lesizwe” ngokuthi bayidlale emathaveni nasemashibhini abo ukuze abantu bamukele izwi likaNkulunkulu ngophuzo oludakayo!
Ngesigqi sayo seZiyoni, le ngoma itshela abantu ukuthi baphuze iziphuzo ezidakayo abazithandayo, bajabule ngaso sonke isikhathi, futhi bangalokothi babe namahloni.
Ekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa ngeSonto uMakiti uthi, unezinhlelo zokuqopha ividiyo yomculo azoyikhipha kanye ne-albhamu yakhe enamathrekhi ayi-14.
“Abanye abantu abakwazi ukuvakashela izakhiwo zesonto lethu. Kodwa ukubanikeza le ngoma emnandi nenjabulo ezindlini zabo nakomabonakude kuzobenza baqonde ukuthi isonto i-Gabola limayelana nani,” kuchaza yena.
UMakiti uthe i-albhamu yakhishwa ngoLwezi odlule ngesikhathi somvalelo we-Covid-19.
“Ngesikhathi kuvalwe ukudayiswa kotshwala ezweni, ngibe nesikhathi esithe xaxa sokucabanga ukuthi singafinyelela kanjani kubantu. Ngikwazile ukuqamba izingoma abantu abavela emazweni ahlukene abazithokozelayo nabazidlalayo.”
Uthe, manje njengoba sevunyelwe ukudayiswa kotshwala, usezokwazi ukuqopha ividiyo yomculo ngaphakathi emathaveni lapho abantu bebonakala khona bephuza futhi bedansela le ngoma.
Isonto lethu lenza okungajwayelekile ngotshwala, lamukela abazalwane ukuthi bazophuza esontweni.
“Sibonile inani elikhulayo labantu abahlulelwa ngamasonto abo amakoloni beza kithi futhi bejabulela nobhiya obandayo ngaphakathi esontweni njengoba bexhumana noNkulunkulu wabo.”
Iphinde isabalalise umyalezo ngokugqugquzela abanikazi bendawo yokucima ukoma, ukube “babe abefundisi nababhishobhi bese amakhasimende abo abe ngabazalwane”.