Sizwe Sibiya
Selubekiwe usuku lokukhishwa kwevidiyo yengoma ethi “Langa Linye” yomculi ophinde ashaye isiginci uMduduzi Ncube.
Inkampani yokuqopha kaBig Zulu, Inkabi Records, imemezele ukuthi le vidiyo izokhishwa ngoLwesihlanu.
Kule ngoma okukhona kuyo umrepha uZakwe nembongi uZamoh Cofi, yathandwa abalandeli abaningi bomculi we-Afro-Pop uMduduzi ngesikhathi kukhishwa le ngoma ngoMfumfu.
Ukugqama kukaMduduzi endimeni yomculo kwaqala ngemuva kokuthi acule ingoma yakhe yokuqala ethi “Malokazi” phambi kwesitudiyo sika-DJ Tira sokuqopha i-Afrotainment eThekwini eminyakeni emibili edlule.
UDJ Tira wahlabeka umxhwele waze wafika nomqondo wokufaka uBerita engomeni, okwaba yinto eyenza ukuthi ingoma ethi “Malokazi” iphenduke intandokazi emisakazweni yakuleli.
Ngemuva kweminyaka emibili, uMduduzi usekhiphe izingoma ezishisa izikhotha njengethi, “Isginci” ayicula noBig Zulu ngo-2020 nethi “Putsununu” ayicula ne-Q-Twins ngonyaka odlule – kanti zombili lezi zingoma zikhishwe ngaphansi kwenkampani yokuqopha umculo iNkabi Records, esimenze isihlabani somculo.
Khonamanjalo ingoma yakamuva ethi “Langa Linye”, iwumsebenzi oyingqayizivele ovela kuMduduzi. Leli culo lakhiwe kusetshenziswa iculo le-Gospel eliphuma kuye, elilandelwa yivesi le-hip hop lomrepha uZakwe kanye nomucu onesigqi sembongi uZamoh.
Ungalaleli inguqulo yomsindo wengoma lapha.
Umthombo wevidiyo: YouTube