Ingoma kaMaskandi kaZandie idume kakhulu

Xolile Nkosi

Kunesikhathi lapho uZandie Khumalo-Gumede ayephupha ngokuba nomndeni omkhulu kodwa konke lokho sekuguqukile.

“Ngigxile kimi njengamanje, ngoba ngisezingeni eliphezulu lomsebenzi wami,” uyasho.

Impilo yomndeni kuzofanele ithi ukuma kancane ngenkathi uZandie waseNquthu, eNyakatho ne-KZN esemkhankasweni wokuqhubeka nomsebenzi wakhe wezomculo.

Ekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa uZandie, ongudadewabo omncane kaKelly Khumalo, uthe ukuba ngumama kuwumsebenzi.

“Ngikholelwa ekutheni izingane ziyisipho esivela kuNkulunkulu kodwa ngizolinda isikhathi esifanele. Ukuzibophezela okunje ngalokho kuzoshayisana nesikhathi engisebenza ngaso,” uyasho.

Futhi uma ekhulelwa, unethemba lokuthola amawele.

“Ngaleyo ndlela ngeke kudingeke ukuthi ngikhulelwe kaningi.”

UZandie akakwazanga ukuphawula mayelana nokuboshwa komsolwa muva nje ecaleni likaSenzo Meyiwa.

Ngosuku okwadutshulwa ngalo uSenzo, uKelly nodadewabo uZandi, umama wabo uNtombi Khumalo, uLongwe Twala, abangani bakaMeyiwa uMthokozisi Thwala noTumelo Madlala, kanye nendodana kaKelly eyayineminyaka emine ngaleso sikhathi, uChristian, noThingo, indodakazi kaKelly noSenzo bonke babekhona.

“Ngeke ngiphawule ngecala likaSenzo lokubulawa noma ngobudlelwano bami noKelly,” uyasho.

Uthe uma engekho estudiyo epheka umculo, usekhaya uphekela umyeni wakhe ukudla okumnandi.

“Isikhathi sami sokuphumula ngisichitha ekhishini ngizama izindlela ezintsha zokupheka. Lokho kwenza inhliziyo yami icule ngoba ngiyakuthanda ukupheka nokubhaka.”

Muva nje uZandie ukhiphe ingoma kamaskandi esihloko sithi ‘Ngijabule Kabi’ eyamukelwe kahle ngabathandi bakamaskandi.

“Ngikhulele ezindaweni zasemakhaya, ngangivele ngiwuthanda umculo kamaskandi. Ngithathe isinqumo sokuqopha le ngoma ukukhombisa abantu ukuthi ngikwazi kanjani ukwenza izinto ezihlukahlukene. Ngamangala ukuthi ithole ukwamukelwa okukhulu kangaka. Ngicabanga ukuthi ngizokwenza izingoma zikamaskandi ngezikhathi ezithile,” uyasho.

“Ngiqopha ialbhamu yami yesibili ezobe iqukethe okungenani izingoma ezintathu zikamaskandi.”

Usanda kuzuza indondo ye-Best Woman in Arts kwi-Sebenza Women’s Awards kowezi-2020. Ialbhamu yakhe ilindeleke ukuthi iphume ekuqaleni konyaka ozayo.

Izihloko zakamuva