Ingoma kaMakhadzi i-Ghanama isifinyelele kwi-Platinum

Sizwe Sibiya

Ingoma eshisa izikhotha ethi-Ghanama isilethe ukungezwani phakathi kwabaculi ababili abakhulu base-Limpopo, uMakhadzi noKing Monada.

Laba bobabili balwe kakhulu ngale ngoma baze bagcina sebeqopha izingoma ezimbili ezihlukene. Futhi manje siyaqonda ukuthi kungani. Ingoma okukhona kuyo uPrince Benza iseqopheleni eliphezulu.

UMakhadzi uphume njengomnqobi kule mpi yabo bebanga ingoma. NgoLwesihlanu, umemezele ukuthi ushintsho alwenze kule ngoma yakhe selwenze le ngoma yafinyelela ezingeni le-platinum.

Leli culo liphinde ligqamise ulimi lwesiZulu, okuholele ukuthi leli culo ligcwale ezinkundleni zokuxhumana.

Kodwa okuhlabe abalandeli abaningi umxhwele ikhono lakhe “lokuxolela nokungabambi amagqubu” njengoba ephinde wabonga uKing Monada ngegalelo lakhe engomeni nakuba eqhubekile nokukhipha eyakhe.

“I-Ghanama isifinyelele ku-PLATINUM… sibonga uPrince Benza kanye noKing Monada futhi ukube kwakungeyena uNkulunkulu owasiqoka ukuba sihlangane ngalobo busuku yayingeke ibe khona ingoma ye-GHANAMA,” kubhala uMakhadzi, okusobala ukuthi akasekho kwingxabano yabo ngengoma.

Njengoba eneminyaka engama-25 ubudala, uMakhadzi ube ngumholi okhuthazayo wesizukulwane sakhe ngempumelelo emangalisayo kulo lonke uhambo lwakhe olunzima lokuba isihlabani somculo womdanso.

Futhi ukukhula kwakhe kubonakala kuwo wonke amarekhodi awakhiphayo.

Muva nje uMakhadzi wethule uhlobo lwakhe olusha lwamateki i-Kokovha ehlanganyele ne-Kicks Sportswear athe ugqugquzelwa izimpande zakhe namasiko ama-Venda.

“Konke lokhu ngikwenze ngesekwa umama eduze kwami, futhi bekuyisikhathi esihle lesi kumina,” kusho uMakhadzi, osayine isivumelwano sezigidi zamarandi nenkampani yezimpahla zemidlalo yaseNingizimu Afrika ukuze bakhiqize izingubo ezigqugquzelwa “uMakhadzi”.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva