Ube ngundabamlonyeni kumahlaya amaningi – kodwa umrepha wase-Ghana uAY Poyoo uhleka yedwa njengoba ingoma yakhe ihamba phambili kumashadi omculo.
Ingoma kaAY ebizwa nge-GOAT isibukwe ngaphezu kwesigidi ku-YouTube, yathola ukunconywa ngumrepha uSnoop Dogg ku-Instagram waphinde wavela ku-BBC uAY.
Le nsizwa eneminyaka engama-20 ithi isiphenduke ubuso obusha be-hip hop.
Uchaze ukuthi ufike kanjani ekukhetheni isihloko sengoma yakhe: “Bengidinga okuthile okuzongivumela ukuba ngibe usaziwayo. Bengidinga okuthile okuhehayo ukuze abantu bajabule ngakho.
“Ngakho-ke ngathi ngiyimbuzi, ngiyimbuzi, uma kufanele ngenezele okuthile okufana nokuthi-‘maa ‘ngoba imbuzi iyisilwane futhi iyakhala ithi-‘maa’, futhi lokho kungumlilo,” kusho uAy.
Ukuduma kuyishintshile impilo yakhe – futhi kukhombisa nalabo bangane kanye nomndeni ababengacabangi ukuthi angagcine esephumelele.
Unikele ngemali evela kule ngoma yakhe, enikela ekhaya lezintandane endaweni nakwabanye abantu abaswele.
“Ngikwenze lokhu ngoba nami ngivela emndenini ompofu ngisho nokuncane esinakho, sikujwayele ukwabelana futhi ngiyabuzwa ubuhlungu abakubo. Ngiyakuthanda ukupha abanye abantu futhi akugcini lapha,” kuthembisa uAY.