Ingoma ethuka uDonald Trump iphezulu kwi-Apple iTunes charts

Ingoma ehamba phambilu emhlabeni kuleli sonto akuyona okufanele ngabe izingane ziyayilalela.

Ukuthengiswa ku-inthanethi kwe- “FDT”, eyenzwe kowezi-2016 ngabarepha u-YG no-Nipsey Hussle, ikhuphuke ngemuva kokuthi uJoe Biden emenyezelwe njengonqobile okhethweni lwaseMelika ngoMgqibelo.

I-FDT – emele u-F *** Donald Trump – ithengwe izigidi ngosuku olulodwa yaphinde yaba phezulu kwi-Apple iTunes charts.

Ingoma kaMiley Cyrus ekhishwe kowezi-2009 ethi “Party in the USA” nayo ithengwe ubuthaohuthaphu – kodwa hhayi njenge-FDT.

U-YG uvela e-Compton e-California. Kanti uNipsey Hussle wadutshulwa washona kowezi-2019.