Sizwe Sibiya
Umdidiyeli omusha we-Ambitiouz Entertainment uFakaloice unamathele ephepheni ngengoma yakhe entsha ethi Sekunjalo.
UFakaloice wenze ushintsho oluyimpumelelo esuka ekubeni ozimele wayosayina nelinye lamalebula amakhulu kakhulu eNingizimu Afrika.
UFakaloice, ogama lakhe langempela nguPhumlane Zondo, ungowase-Verulam KwaZulu-Natali. Uqhume wangena endimeni yomculo ngengoma esihloko sithi-‘Hellow Mah’ eyaba yingoma yosuku lomama ngonyaka wezi-2019. Abantu abavela kuzona zonke izingxenye zezwe bathumele amavidiyo amafishane anemiyalezo ezinkundleni zokuxhumana, okwakungamagama ale ngoma eya komama babo.
Okulandelayo wabonwa ngamalebula okurekhoda futhi wabhukhwa kakhulu ngalowo nyaka.
Ngemuva konyaka, lo mlisa oneminyaka engama-27 wadedela ingoma ethi Sekunjalo, efaka umngani wakhe wakudala futhi owayecula kakhulu uMacarisma, asebenze naye eminyakeni eyisishiyagalombili edlule e-KZN.
Umculi we-hip hop we-vernac uthe yize enezinkinga ngokuhlukanisa ukuthi obani abangani bakhe bangempela nezitha zakhe, ubonga kakhulu ngempumelelo yakhe entsha ayitholile ngale lebula.
“Kade ngizama kanzima ukufinyelela lapho engikhona njengamanje futhi ngiyabonga ukuthi ukusebenza kwami kanzima nokubekezela kungifikise lapha,” kusho uFakaloice.
Umsebenzi wakhe wangaphambilini ufaka izingoma ezimbili ethi Angzazi nethi-Your Son zombili uzikhiphe ngowezi-2020.
Ingoma ethi Sekunjalo imayelana nokuthi wakhula kanjani ehlupheka nokuthi waqhubeka kanjani waba undabamlonyeni hhayi kuphela edolobheni kepha ezweni lonke.
Umthombo wevidiyo: i-YouTube