Sizwe Sibiya
UMaster KG odume ngokudidiyela ingoma eyaduma ezizweni zonke ebizwa ngeJerusalem, ethandwa umhlaba wonke ngonyaka wezi-2020, iphinde yaqopha umlando: njengoma yokuqala yaseNingizimu Afrika ukubukelwa abantu abayizigidi ezingama-300 ku-Spotify.
Noma ngabe isidlalwe kangaki, kodwa le ngoma iyaqhubeka njengengoma edlalwa kakhulu emsakazweni, njengoba yaba ungqa phambili emhlabeni wonke ngoZibandlela ngonyaka wezi-2019 futhi akusiyo ingoma esingayikhohlwa kalula. Iphimbo likaNomcebo Zikode lazamazamisa abaningi kanye nomhlaba wonke esikhathini esasibhekene naso esinzima sesigaba sokuqala se-Covid-19.
Le ngoma yakhishwa ngaphansi kwenkampani yokuqopha ebizwa nge-Open Productions, yize lo mculi oneminyaka engama-25 eshiye inkampani kulo nyaka, kodwa ingoma yakhe iJerusalema iyaqhubeka iqopha umlando kakhulu kunakuqala.
Ngokuqala kwale nyanga, ngesikhathi evakashele e-Europe, uMaster KG uphume enkampanini ye-Open Mic Production ukuze asayine ngaphansi kwenkampani yakhe yokuqopha ayiqamba igama elithi i-Wanitwa Mos Entertainment, ekhipha izingoma ngaphansi kwe-Warner’s Elelktra France.
Njengoba iculo leJerusalema seliqoqe abalaleli abaningi kwi-Spotify okudlula ezinye izingoma ngokomlando wesizwe – futhi esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili – ividiyo yale ngoma isibukelwa amahlandla amaningi ku-Youtube. Le vidiyo eshisa izikhotha cishe isibukwe izikhathi ezingaphezulu kwizigidi ezi-440.
Umthombo wevidiyo: YouTube