Ingoma ebizwa nge-Osama ishisa izikhotha – kodwa akekho noyedwa kubalwa noyisungulile owaziyo ukuthi iqonde ukuthini!

Sizwe Sibiya

Umdidiyeli womculo osezingeni eliphezulu eThekwini, aphinde abe umculi kanye noDJ uZakes Bantwini, ukhiphe ingoma eshisa izikhotha ngoLwesihlanu oludlule mhla ziyi-10 kuMandulo ngowezi-2021 enesihloko esithi-Osama eculwa uKasango, kanti le ngoma ithandwa kakhulu futhi kukhulunywe ngayo ezinkundleni zokuxhumana amasonto amabili wonke ngaphambi kokuba ikhishwe ngokusemthethweni.

Le ngoma ihamba phambili eNingizimu Afrika kuma-iTunes Chart okufakwa khona izingoma eziphuma ngaphandle kwama-album, kodwa iqiniso elibuhlungu nelimsulwa ukuthi le ngoma ayinawo umyalezo ewudlulisayo.

“Le ngoma isiqinisekisile ukuthi umculo ukudla komphefumulo,” kuchaza uZakes ku-Instagram eqopha ividiyo bukhoma ehleli noDJ Shimza.

“Umculo yihubo, awusiwo amagama. Ihubo elikhuluma nomphefumulo wakho. Akekho umuntu ongake aqambe amanga kuwe futhi athi…. Ngoba unengoma ethandwa e-Afrika noma iNingizimu Afrika njengamanje ebhalwe ngolimi olungakaze lwabakhona,” eqhubeka ekhuluma uZakes Bantwini naye ogcine esegxekwa ngobuciko be-album yakhe ezophuma enesihloko esithi-Ghetto king okwathathwa ama-oda bukhoma ngosuku olulodwa ngoLwesihlanu oludlule. 

“Eqinisweni ingaphambili lekhava ye-album ngathi umbhedo, kodwa ngiyazi umculo ongaphakathi uzoshisa izikhotha!! Angisakwazi ukulinda kusho omunye ebhala umbono wakhe ku-Twitter.

Le-album ifake abaculi abafana noNana Atta owabhala le ngoma ebizwa nge-Osama, kube u-Amanda Black kanye nomculi omusha uDeethe General kanti le-album ilindeleke ukuba iphume ngoLwezi noma ngoZibandlela ngokusho kukaZakes Bantwini.

Le ngoma ebizwa nge-Osama ekhishwe uZakes Bantwini eyicula noKasango (uma ngabe kwenzeka ube nomnqondo ongcono wokuthi isho ukuthini lengoma):

Omapadikero osonakoluna

Saniladikero osonakoluna

Osonakoluna, osonakoluna

Omapadikero osonakoluna

Saniladikero osonakoluna

Osonakoluna, osonakoluna

[Chorus]

Ohh hoo hoooooo

Ohh hoo hoooooo

Lilongwe sawuaa

Angola nekiwa

Osonakoluna

Ohh hoo hoooooo

Ohh hoo hoooooo

Makeba sawuaa

Fela Kuti nekiwa

Osonakoluna, osonakoluna

[Post Chorus]

Oh zomanule

Iniima nomanule

Oh nomanuaa

Iniima nomanuaa

Oh zomanule

Iniima nomanule

Oh nomanuaa

Iniima nomanuaa

Izihloko zakamuva