Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
INkantolo yoMthethosisekelo yehlise esihlalweni sobukhosi iNdlovukazi yamaMpondo uWezizwe Sigcau nongumama wezinyane leSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoba ithi yangena kungafanele.
UMntwana uWezizwe Sigcau wagunyazwa iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala e-Bloemfontain eyayithi nguye iNdlovukazi yesiHlalo, yachitha iKumkani uZanozoku Sigcau ongasekho nowayebekwe umndeni wanikezwa nesitifiketi uMengameli wezwe ngo-2018.
UMntwana uWezizwe banendodana neSilo uMisuzulu kaZwelithini okunguMntwana uJubezizwe kaMisuzulu.
Isinqumo sokuchitha uMntwana uWezizwe Sigcau sikhishwe amajaji ayisishiyagalombili ngoLwesine mhla zintathu kuMfumfu, eholwa uJaji uZukiswa Tshiqi.
UJaji uTshiqi ekhipha isinqumo uthe iNkantolo yokuDlulisa amaCala yenza elikhulu iphutha futhi yanhlanhlatha ngesikhathi igunyaza uMntwana uWezizwe njengeNdlovukazi yesihlalo samaMpondo.
“Umuntu oyiKumkani esemthethweni nangokosiko lwaMaMpondo uZanozuko Sigcau owanikezwa isitifiketi uMengameli ngo-2018. Ngisho imiphumela yeKhomishani eyayiphenya ngobuKhosi yakuqinisekisa ukuthi uZanozuko ngowendlu yesihlalo samaMpondo ase-Qaukeni,” kusho uJaji Tshiqi.
Ngesikhathi ethula isinqumo sakhe uwulande emumva umlando wamaMpondo kusuka kuKumkane uFaku ngeminyaka yo-1800 ngesikhathi bebalekela iSilo uShaka.
Kulo mlando oqoshwe phansi kuvela ukuthi kusuka kuFaku ngabo-1800 amaMpondo awazange abhekane nombango wesihlalo.
Nokho, lo mbango uqale ngemuva kokukhothama kweKumkani uMandlonke.
UMandlonke wakhothama esemncane engakabi nayo ingane.Kuthe uma isikhotheme, umbango waqala lapho abafowabo abazalwa uyisomkhulu uMarheleni, okwabe kunguMntwana uBotha ongukhokho kaMntwana uWezizwe noMntwana uNelson Sigcau ongukhokho weKumkani uZanozuko.
Ngokombiko owenziwa ubaba kaMnuz Thabo Mbeki, uMnuz Govan Mbeki ngo-1958, uMntwana uBotha wahlangana noHulumeni wamaKoloni wabamhlophe bamsiza wangena esihlalweni ngaphandle kokulandela isiko nemigudu yomndeni.
Kuthe uma ekhothama ngo-1978, waqhubeka lo mbango nokuthe ngo-2004 owayenguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki wasungula ikhomishani kaSolwazi Thandabantu Nhlapho.
Kuthe ngo-2010 le khomishani yathola ukuthi ubukhosi bukakhokho kaMntwana uWezizwe Sigcau okunguMntwana uBotha babungekho emthethweni.
UMntwana uWezizwe wabe udaba eselufaka enkantolo echitha iKhomishani kaNhlapho. Inkantolo yokuDluliswa kwamaCala e-Bloemfontain yamvuna yathi nguye oyiNdlovukazi yesihlalo samaMpondo.
UMengameli uCyril Ramaphosa waludlulisa udaba walufaka eNkantolo yoMthethosisekelo, okuyiyo engeyokugcina eNingizimu Afrika echithe uMntwana uWezizwe njengeKumkani noma iNdlovikazi yamaMpondo.
