Mmaditaba noLwazi Nongauza
Umhlaba wezikaqedisizungu ushaqekile ngezindaba zokuthi ingoduso ka-AKA, uNelli Tembe ushone esehlakalweni esibuhlungu e-Pepperclub Hotel enkabeni yedolobha laseKapa.
Ukushona kungazelelwe kowesifazane oneminyaka engama-22 ubudala waseMpumalanga yeKapa kuqinisekiswe okhulumela u-AKA, uPhumza Nohashe.
Imenenja yase-Pepperclub u-Efi Ella utshele i-Scrolla.Africa ukuthi intokazi iwe isuka kwesinye sezitezi eziphezulu zehhotela ngo-7.30 ekuseni ngeSonto ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa aseNtshonalanga yeKapa, uKaputeni uFC van Wyk ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokufa komuntu.
“Amaphoyisa ase-Cape Town Central aphenya icala lokufa komuntu ngemuva kwesigameko esenzeke ehhotela namhlanje emakhoneni emigwaqo u-Loop no-Bloem, enkabeni yedolobha laseKapa lapho okutholakale khona isidumbu sowesifazane oneminyaka engama-22 eseshonile,” kusho isitatimende samaphoyisa.
U-AKA noNelli bebethembisene umshado emasontweni ambalwa edlule.
NgoMgqibelo, lezi zithandani bezabelana ngamavidiyo amaningi ngesikhathi zivakashele izindawo eziningi zokuqeda ukoma nezindawo zokudlela zaseKapa.
Sekunemibiko eminingi yabezindaba bephakamisa ukuthi u-AKA udonsa kanzima ukubhekana nalesi simo.
Umndeni wakwaTembe nowkwaForbes ukhiphe isitatimende esihlangene wathi basashaqekile futhi basebhekene nemizwa yabo, njengoba uNelli ubeyintokazi ekhethekile futhi enesiphiwo.
“Njengamanje isoka lakhe liduduzwa futhi lizungezwe umndeni nabangane abasondelene nalo.
Kulelihora losizi lwethu, ngokuthobeka sicela ukuthi imindeni yethu inikezwe ubumfihlo nesikhathi sokululama,” kusho isitatimende.
Umthombo wesithombe: @akaworldwide