INgilandi yenze kahle kobungempelasonto

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Eminyakeni emine edlule kwakunguBen Stokes owayewina ama-runs amaningi manje bese kuyisikhathi sokuthi omunye ohamba phambili enze okufanayo njengoba i-Western Terrace ishayela uChris Woakes neNgilandi ihlombe.

Ngesikhathi sekusele ama-runs angu-224 kanye namawikhethi ayishumi ekuqaleni kosuku lwesine ebelibalele wonke umuntu ubazi ukuthi ingxenye yokuqala izobaluleka.

Abaqale umdlalo baqale kahle kodwa ukufika kukaMoeen Ali endaweni yesithathu ngemuva kokuthi uBen Duckett ethole ama-runs angu-23 akubanga isinqumo esivuna osokhaya.

UJoe Root uthole ama-runs angu-21 kuphela ngakho-ke, konke bekulele kukakapteni uBen Stokes noHarry Brook ukuze bahlele inkundla yokuwina okujabulisayo kweNgilandi ngemuva kwesidlo sasemini.

Kudingeke ukuthi kube nenye ingwijikhwebu njengoba uMitchell Starc ethole uStokes ngama-runs angu-13 kuphela kwase kuba uJonny Bairstow ngemva nje kwamahlanu kuphela.

Kodwa ube esengena phakathi kwamaqhawe e-Headingley.

Kungenzeka ukuthi ama-runs angu-32 kaWoakes yiwona enze bawina umdlalo ekugcineni kodwa uBrooks usize iNgilandi yadlula ezingxenyeni ezinzima zosuku ngesikhathi laba badlali ababili beqinise i-innings.

Kube nengcindezi ngemuva kokukhishwa kwakhe kodwa umdlali ovelele uMark Wood ushaye ama-runs angu-16 emabholeni ayisishiyagalombili ukuze ahambe no-24 wakhe kwi-innings yokuqala kanye namawikhethi akhe ayisikhombisa kuwo wonke umdlalo ukuqinisekisa ukuthi iNgilandi idlulela emdlalweni olandelayo.

Manje i-Australia izihola phambili ochungechungeni lwemidlalo emihlanu ngo 2-1 kanti i-Manchester ivivela izinsuku eziyishumi ezizayo.

Esithombeni esingenhla: UMark Wood noChris Woakes

Umthombo wesithombe: @_faridkhan

Izihloko zakamuva