INgilandi ifuna ukuziphindiselela kowesibili we-Ashes

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umdlalo wesibili we-Ashes uzoqala ekhaya lekhilikithi ngoLwesithathu njengoba i-Australia ihamba phambili ochungechungeni lwemidlalo emihlanu ngo 1-0 ngemuva kokuwina okungatheni ngesonto eledlule.

Kodwa-ke, iNgilandi ikulungele ukuziphindiselela.

Osokhaya basawine imidlalo eyisikhombisa kuphela kwengu-37 bebhekene ne-Australia e-Lord’s futhi ompetha be-World Test banethemba lokuqhubeka nerekhodi labo eliqinile nokuthi baqhubekele phambili emkhankasweni wabo wokuwina isicoco se-Ashes.

INgilandi iqoke umdlali uJosh Tongue (25) njengozongena esikhundleni sikaMoeen Ali ngemuva kokuthi lo mdlali alimale umunwe wokukhomba kwesokudla emdlalweni wokuqala.

Ukuze benze konke okusemandleni wabo ukuwina lo mdlalo abaphosayo kuzomele basebenzise izinga lokudlala ukuze kuzuze bona njengoba abaphosayo abasheshayo abahlanu bebizwe kwabangu-11 emdlalweni wesibili.

Ku-Australia akukho okushintshile endleleni yabo yokudlala – ukaputeni uPat Cummins ugcizelele ukuthi bazothatha sonke isikhathi abasidingayo uma bebhekene nabadlali beNgilandi.

“Inhloso yethu yokuqala uma siya kulo mdlalo ukuthola ama-runs futhi akusho lutho ukuthi kuthatha isikhathi esingakanani,” esho.

“Ngicabanga ukuthi siwaphathe kahle kakhulu ama-tempos wethu ngesonto eledlule. Ngesikhathi kufanele sihlasele sikwenzile lokho kodwa kunezinye izikhathi lapho okudingeke ukuthi silinde khona.”

Umdlalo wesibili uzoqala ngo-12 ebusuku ngoLwesithathu bukhoma ku-SuperSport.

Esithombeni esingenhla: Iqembu labesilisa laseNgilandi 

Umthombo wesithombe: @englandcricket

Izihloko zakamuva