Everson Luhanga
Iqembu lemigulukudu belihlukumeza imiphakathi eyahlukene e-Tembisa.
NgoLwesihlanu ebusuku, imndeni eyi-17 endaweni ebizwa ngeWinnie Mandela, umgwaqo wesine, owesithupha, owesishiyagalombili kanye nowesishiyagalolunye kuhlasele iqembu lemigulukudu labesilisa abane abakade behlomile bengena umuzi nomuzi.
Abantu abane, kanye nowesifazane okhulelwe, kuthiwa bayalulama esibhedlela kanti abaningi balimele kakhulu bayiswe kwezinye izikhungo zezempilo ezihlukene ngenxa yokuba nemihuzuko emincane.
UKholofelo Makena uthe inhlamvu ingene ngewindi emzini wakhe yashaya umbhede ngesikhathi yena nomyeni wakhe belele.
Lo wesifazane oneminyaka engama-41 ubudala uthe uzwe ukuqhuma kwesibhamu kanye nokukhahlelwa komyango kwamakhelwane. Isibhamu siqhume amahlandla ayishumi okuyilapho engibone khona ukuthi siyahlaselwa.
“Mina nomyeni wami sigxume saphuma embhedeni saphuthuma sayobheka izingane ukuba ziphephile yini. Yilapho esizwe khona ngenhlamvu ingena ngewindi yafike yashaya embhedeni,” kusho lo wesifazane.
Uthe ngesikhathi omunye umakhelwane egijima ezosiza bamdubule emlenzeni.
“Omunye wesifazane obekhulelwe bamdubule ethangeni ngesikhathi imigulukudu ingena egumbini lakhe,” kusho lo wesifazane.
UMakena uthe amaphoyisa abiziwe ukuba azothatha isitatimende. “Ngesikhathi amaphoyisa esakhuluma nathi sizwe kuqhuma isibhamu kwelinye lamalokishi eliseduze.”
Uthe ngesikhathi ephelezele lo wesifazane obekhulelwe obedutshuliwe, ufice cishe abantu abangaphezulu kwabayi-10 abakade beze esibhedlela ukuzothola usizo ngemuva kokulimala ngesikhathi behlaselwa.
“Lesi sigameko sihlukumeza umqondo. Kuvele kwangathi sisempini ngesikhathi sizwa ukuqhuma kwesibhamu kaningi.
Uthe abasolwa bebefike bafune umabonakude, umakhalekhukhwini kanye nemali uma bengena emzini wakho.
UHarold Mashabela naye ungomunye ozithole esehlukumezeka kule ndawo.
Uthe bamulshaye ngesibhamu. “Bese ngilele ngesikhathi imigulukudu ikhahlela isicabha emzini wami. Bafike bafuna imali nokunye abangakuthatha.”
Uthe bathathe iveni elilodwa likamakhelwane wakhe bahamba nalo.
UHarold uthe lemigulukudu ibinenhliziyo embi futhi ilambile. Bathathe ngisho ukudla kanye notshwala ebhizinisini lokuphuza kwamakhelwane.
Okhulumela amaphoyisa uConstable Patricia Mgijima uthe amaphoyisa aphenya amacala okuphanga.