Ingebhe ngothuthuva kweye-Uefa Nations

Dylan Bettencourt

Abalandeli be-England asebedume ngokuziphatha kabi eminyakeni edlule bebethenga amathikithi e-Germany ngaphambi komdlalo wabo we-Uefa Nations League ngoLwesibili ebusuku.

Sekusetshenziswe izindlela ezimbalwa zokunciphisa uthuthuva kwisixuku sabalandeli be-England okuhlanganisa ukunciphisa abalandeli abaqhamuka emazweni angaphandle, ukuvimbela ukuthengiswa kotshwala kanye nokusingatha umdlalo phakathi nesonto hhayi ngempelasonto.

Nokho abalandeli be-England abahlale bexokozela bakwazile ukuthola indlela yokungena enkundleni yize inkundla igcwele.

Imibiko iphakamisa ukuthi abalandeli be-England bebethenga amathikithi ngqo kwisizindalwazi senhlangano yebhola yase-Germany, ngokusho kwe-The Times.

I-England inikezwe izihlalo ezingu-3 466 kuphela e-Allianz Arena kulo mdlalo, kodwa kunokusaba ukuthi izinkulungwane zabalandeli zizoya e-Germany kulo mdlalo ngaphandle kwethikithi losuku lomdlalo.

Abalandeli be-England bakhombisile phambilini ukuthi bayaphazamisa futhi bacekela izinto kanti nomphathi uGareth Southgate unovalo lokuthi kungenzeka kuphinde kwenzeke okufanayo.

“Uba namahloni uma uzwa ngayo le nkinga ngoba uyazi ukuthi iqondene nezwe lakho,” kusho uSouthgate.

Umdlalo wamanqamu we-Euro 2020 phakathi kwe-England ne-Italy enkundleni i-Wembley wonakala ngesikhathi izinkulungwane zabasekeli abangenamathikithi zingena enkundleni ukuzobuka umdlalo.

Babalelwa ku-900 abalandeli abavinjwe ukungena ezinkundleni zemidlalo ezweni lonke abaphoqeleke ukuthi bahambise izincwadi zabo ezibagunyaza ukuya kwelinye ilizwe emaphoyiseni endawo ukuze baqinisekise ukuthi abayi e-Germany kulo mdlalo.

I-England iqinise ezomthetho e-Germany ngomzamo wokulawula noma iziphi izinkinga ezingase zivele.

I-English Football Association ithe ikholelwa ukuthi ozakwabo base-Germany bayalwazi udaba lwamathikithi futhi bafuna ukulihoxisa.

Womabili lamazwe i-England ne-Germany ahlulekile ukuthola amaphuzu agcwele emdlalweni wabo wokuvula we-Nations League.

I-England ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni i-Hungary kwathi i-Germany yaqeda umdlalo ngokulingana ne-Italy ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mdonsiswano omkhulu phakathi kwalezi zidlamlilo ezimbili uhlelelwe ukuthi uqale ngo-8.45 ebusuku ngoLwesibili.

Umthombo wesithombe: @DailyRecord

Scrolla World Cup Quiz