Kamogelo Olaitan
UKhomotso Mashabela akaqondi ukuthi impi phakathi kwe-Ukraine ne-Russia imayelana nani kodwa ibhizinisi lakhe le-achaar liyaphazamiseka ngenxa yalempi.
Inani lamafutha okupheka likhuphukile!
Ezinyangeni ezimbili nje amafutha e-Sunflower anyuke ngo-55% kanti i-canola inyuke ngo-40%.
NgoZibandlela nyakenye ibhodlela le-Sunglower elingu-2l lalibiza u-R45 u-5l ubiza u-R120. Namuhla ikhuphuke ngokuphindwe kabili futhi ochwepheshe baxwayisa ngokukhuphuka kwentengo okwengeziwe emasontweni ambalwa ezayo.
UMashabela oneminyaka engu-39 wase-Mmotong wa Perekisi ngaphandle kwase-Polokwane usebenzisa amafutha e-Sunflower ukuxuba i-achaar yakhe ngaphambi kokudayisela amakhasimende akhe.
Kusukela ngonyaka ka-2015 ujabulele inzuzo enhle ngokudayisa i-achaar njengoba abantu abaningi beyithanda futhi beyithenga kakhulu.
Ngenyanga uMashabela ubekwazi ukudayisa u-80 noma u-100 kg we-achaar ukwenza lokho ubedinga amafutha angu-20l.
“Sengicabanga ukuvala ibhizinisi lami ngizo zuzani ngempela uma sekumele ngisebenzise imali ephindwe kabili kunaleyo ebengiyisebenzisela ukuthenga amafutha? ukudla kuphezulu futhi noma kungathiwa abantu bakithi bayayithanda i-achaar, kodwa ngeke bakhokhe imali engaphezulu.” kusho uMashabela.
I-Ukraine neRussia bahlinzeka ngamafutha ingxenye enkulu yomhlaba.
Manje izinto zingase zibe zimbi kakhulu ngemuva kokuthi umkhiqizi ohamba phambili emhlabeni wonke kanye nabakhiqizi bamafutha e-palm i-Indonesia imemezele ukuthi bavala ukuthunyelwa kwamafutha e-palm kusukela ngoLwesine ngomhlaka-28 kuMbasa.
UMengameli wase-Indonesia uJoko Widodo uthe ufuna ukuqinisekisa ukutholakala kwemikhiqizo yokudla ezweni lakhe ngemuva kokuthi ukwehla kwamandla okudla emhlabeni wonke kunyuke kakhulu.
“Izidingo zabantu zibalulekile kakhulu,” kusho uWidodo esitatimendeni.
I-Southern Oil Commercial ekhiqizayo iphinde idayise amafutha okupheka ithe intengo inyuke ngenxa yokushoda okukhulu kwemikhiqizo yembewu yamafutha.
Umqondisi wezohwebo wale nkampani uMorné Botes uthe abathengi kumele baqonde ukuthi intengo iyenyuka futhi ngeke yehle ngokushesha.
UBotes weluleke abathengi ukuthi amafutha bangasheshe bawachithe kumele bawasebenzise kaningi ngoba ayabiza.
“Amanani azokwenyuka nakanjani futhi ahlale lapho isikhashana ayikho enye indlela esingenza ngayo,” esho engxoxweni abe nayo ne-EWN.
IBhange Lomhlaba libika ukuthi amazwe angaphezu kuka-30 asevimbele impahla ephumayo eya kwamanye amazwe ngenxa yokukhuphuka kwamanani okudla emhlabeni wonke.
Ezinye izitolo ezinkulu emazweni anjenge-Turkey, i-Spain, i-Italy, i-Germany ne-UK asedayisa amafutha ngendlela ekalekile ukuze bagweme ukuphelelwa amafutha.