Ingebhe ngokudunguzela kweSilo uMisuZulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sekuqubuke uvalo ngemibiko yokudunguzela kweSilo uMisizulu kaZwelithini okubikwa ukuthi uyelashwa esibhedlela eSwatini.

Kubikwa ukuthi welashwa eSwatini ngoba engazithembi izibhedlela zakuleli.

Lokhu kushiwo undunankulu wakhe, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, othe ngeSonto iSilo singeniswe esibhedlela kusanda kushona induna yaso.

“Ngishayelwe ucingo udadewabo weNkosi uMswati III, uVumile, ethi inkosi isesibhedlela futhi ayikhululekile ukuthi ilashwe ezibhedlela zakuleli ngemuva kokudlula emhlabeni kwabazali bayo ababelashwa kuleli,” kusho uButhelezi.

Uthe kunezinsolo zokuthi induna yeSilo, uXaba idliswe ushevu yashona kwathi kungakapheli sikhathi, neSilo sabe sesihlatshwa ukugula.

Abazali beSilo uMisuzulu, iNdlovukazi uMantfombi kanye neSilo uZwelithini kaBhekuzulu bakhothama belashwa ezibhedlela zakuleli.

Isilo uZwelithini sasilashwa esibhedlela Inkosi Albert Luthuli lapho sakhothamela khona kwathi iNdlovukazi uMantfombi yena washonela esibhedlela saseGoli.

NgoLwesine, iSilo uMisuzulu sibonakale sijabule simamatheka esiShayamthetho saKwaZulu-Natal noNdlunkulu uNtokozo kaMayisela.

Bebehambele umcimbi okhethekile wokudingida udaba lokwakhiwa komfuziselo weLembe uShaka kaSenzangakhona.

Isithombe esingenhla: Isilo Misuzulu kaZwelithini

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva