Dalphine Tagwireyi
Sekuphele isikhathi esingaphezu kwesonto uBontle Mashiyane (6) anyamalele.
Njengoba izinsuku zihamba, unina wakhe uBongiwe Mashiyane, usabela ukuthi kukhona okuthile okubi okuzokwenzeka – futhi umlando wakamuva wendawo yangakubo umnikeza isizathu sokuthuka.
Eminyakeni emithathu edlule kwabikwa izingane eziyisithupha ezilahlekile e-Mganduzweni, e-White River eMpumalanga. Esimweni ngasinye izidumbu zabo zatholwa ngemuva kwamasonto ambalwa.
UBontle uduke ngoMgqibelo wangomhlaka-30 kuMbasa ngabo-3 ntambama ephuma ukuyodlala nezinye izingane kwamakhelwane kanti akakaze abonakale kusukela lapho.
“Sengisabela okubi kakhulu njengoba iningi lezingane zakule ndawo ezaduka zatholakala sezishonile. Nginethemba lokuthi usaphila kodwa njengoba izinsuku zihamba kuba nzima kimina,” kusho umama okhungathekile etshela i-Scrolla.Africa.
Okhulumela abakwa-SAPS eMpumalanga uDonald Mdhluli ukuqinisekisile ukuthi ngo-2019 izelamani ezimbili, uNontokozo (6) noSilindile Qibi (7) baduka endaweni batholakala sebeshonile emgodini ngemuva kwezinsuku ezimbalwa. Imizimba yabo yayikhombisa izimpawu zokuhlukunyezwa ngokocansi okunonya.
Umama wezelamani ezimbili, uKhathazile Qibi, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isithombe esinyantisayo samadodakazi akhe sisakhona namanje engqondweni yakhe.
“Ngafica izingane zami zinqunu zinegazi emathangeni. Babephoswe emgodini eduze nomfudlana ngemuva kokuduka beyovakashela ugogo wabo ngokuphuma kwesikole. Bekucaca ukuthi bashone kabuhlungu,” esho.
Amadoda amabili, okuhlanganisa nomfundisi wendawo, bavela njengabasolwa abaqavile ekubulaweni kwalezi zelamani.
Kodwa-ke ngaphambi kokuthi amaphoyisa ababophe babanjwa yiqulu labantu base bashiswa baze bashona.
Ngo-2020 umfanyana (9) naye kwabikwa ukuthi walahleka watholakala ngemuva kwezinsuku ezimbili eseshonile. Ngo-2021 ezigamekweni ezintathu ezahlukene kwabikwa ukuthi izingane ezintathu zidukile nazo zatholwa sezishonile.
“Kwaboshwa abasolwa kula macala, kanti abasolwa basaboshiwe futhi basalindele ukugwetshwa,” kusho uMdhluli eqinisekisa ukuthi amaphoyisa awakholwa ukuthi la macala axhumene.
UMdhluli uthe sibikiwe isigameko sokuduka komuntu icala emaphoyiseni, wengeza ngokuthi sebethumele ithimba elisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi uBontle uyatholakala.
“Ithimba belilokhu liphenya ngamandla futhi lilandela umkhondo eliwutholile, ukuqinisekisa ukuthi icala liyaxazululeka,” kusho uMdhluli.
Onolwazi ngokuthi uBontle ukuphi engashayela i-SAPS Crime Stop ku-08600 10111.