Ingebhe ngezikhukhula eGoli naseLimpopo

Dylan Bettencourt

I-South African Weather Service (i-SAWS) ikhiphe isexwayiso ngezimvula ezinamandla kanye nokuduma kwezulu eGoli nase-Limpopo futhi isixwayise ngezikhukhula ezingase zibe khona.

Bakhiphe isexwayiso sesigaba sesibili ngemvula ephazamisayo ngoLwesibili, bengeza ngokuthi imvula enamandla ingase idale izikhukhula ezindaweni zokuhlala ezisemthethweni kanye nezingekho emthethweni.

Kulindeleke ukuthi imvula ine kuze kube phakathi kwamabili ngoLwesibili.

Izindawo ezithintekile kubalwa i-Tshwane, i-Mokopane, i-Thabazimbi, i-Secunda, i-Bela-Bela, i-Nokaneng, i-Delmas, i-Balfour, i-Groblersdal, i-Emalahleni, i-Middelburg, i-Standerton kanye ne-Vaalwater.

Izifunda eziseningizimu  nentshonalanga ye-Limpopo kanye nezindawo ezisenyakatho yeGoli zizoba nemvula enamandla ngoLwesibili ntambama.

URobert Mulaudzi we-City of Johannesburg Emergency Management Services ucele abashayeli ukuthi baqikelele emgwaqeni.

Uthe azikho izingozi ezinkulu ezibikiwe kuze kube manje kulo lonke iGoli kodwa unxuse abashayeli ukuthi baqikelele.

“Abashayeli bezimoto kufanele behlise isivinini banwebe nebanga eliphephile lokulandelana futhi bazame ukugwema ukuwela ezindaweni okungenzeka ukuthi zigcwele amanzi,” kusho uMulaudzi.

UMulaudzi uphinde wathi banamathimba abo akhethekile ahlengayo naqaphile uma kukhona izindawo eziphansi ezihlaselwe yizikhukhula.

“Kufanele sikwazi ukubhekana nezimo eziphuthumayo ezingase zenzeke ngenxa yokuduma kwezulu,” usho kanje.

Umthombo wesithombe: @SandtonChronicle

Izihloko zakamuva