Ingebhe ngesiteleka sabamatekisi esihlongozwa eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abafundi bakamatikuletsheni baseKapa bacele abashayeli bamatekisi edolobheni namaphethelo ukuthi bahlehlise umbhikisho wesifundazwe  wokungasebenzi ngoMsombuluko nangoLwesibili ngesonto elizayo.

Abafundi bacele abashayeli ukuthi bahlehlise lesi siteleka baze baqede ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

Lesi siteleka siza ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni uMnu Daylin Mitchell ememezele ukuthi uhlelo lwamatekisi ase-Blue Dot luzoqedwa ekupheleni kwale nyanga.

Esikhathini esingaphezu konyaka esedlule umnyango wezokuThutha e-Western Cape ubambisene nemboni yamatekisi yesifundazwe ukuze kwethulwe uhlelo lokuhlola kanye nokukhuthaza ukuklomelisa ukuziphatha okuthuthukisiwe kokushayela kanye nezinga elihle lokusiza abagibeli.

Ukuqedwa kwalolu hlelo kuthukuthelise i-South African National Taxi Council (SANTACO) esifundazweni. Ngokushesha bakhipha isitatimende bememezela isiteleka.

Bafuna uMnyango ubuyekeze umthetho kamasipala wokubopha amatekisi nokuthi uphinde ubaxhase ngemali yokunweba i-Blue Dot.

Bafuna uhulumeni wase-Western Cape azibophezele ngokwenza imizamo yokusungulwa ngokusemthethweni kwemboni yamatekisi ngokutshala izimali ezinhlelweni ezinikeza amandla neziguqula imboni.

Umfundi (17) owenza ibanga leshumi nambili ongathandanga ukudalulwa igama utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ucindezelekile futhi akazi ukuthi uzofika kanjani esikoleni ngezinsuku zesiteleka.

“Siyabacela ukuthi bayeke ukuteleka size siqede ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngoba siyazi sonke ukuthi lokhu kungase kugcine sekuwumbhikisho omkhulu ozokwenza singayi esikoleni.

Umzali uthe ukuhlelela izingane zabo ezokuthutha angeke kusize ngoba abashayeli bayayisaba imboni yamatekisi.

“Banegama elibi futhi uma bengawashisi amabhasi, izimoto ezizimele zizolimala kulezi zinsuku ezimbili; yingakho sicela ukuthi bahlehlise isiteleka izingane zethu zize ziqede ukubhala.”

Omunye umfundi uthe isikhathi sesiteleka sibi kakhulu. “Asikwazi ukugxila ekufundeni ngoba sicabanga ukuthi sizofika kanjani esikoleni ngesonto elizayo. Ngeke size sithole i-Uber ngalezo zinsuku ezimbili ngoba abashayeli bawo bazobe besaba ukusithutha.”

USihlalo we-SANTACO e-Western Cape uMandla Hermanus uthe inselelo ekhona ukuthi uhlelo lwezikhathi alutholakali esifundazweni sonke futhi akuwona wonke umfundi obhala ngezinsuku zesiteleka.

“Abazali kumele baxhumane nezikole zezingane zabo bazicele ukuthi zikhulume noMnyango wezeMfundo ukuze wenze izinhlelo uma kwenzeka kubekhona abafundi abangeke bafike esikoleni ngezinsuku zesiteleka,” esho.

Esithombeni esingenhla: Amatekisi aklelile emgwaqeni onguthelawayeka

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva