Ingebhe ngesiphepho esizayo esinamandla 

Izindawo eziningi kuleli zizohlaselwa isiphepho uFreddy kule mpelasonto.

Njengamanje lesi siphepho sidlula e-Madagascar futhi sishiye abantu abane beshonile. Muva nje lesi siphepho sehliselwe kwisiphepho esincane futhi manje kungenzeka silethe imvula enamandla kanye nezinkinga zezikhukhula ezindaweni ezisenyakatho-mpumalanga yelakuleli kuphela.

Kulindeleke ukuthi i-Limpopo, iMpumalanga neKwaZulu-Natal kube yizona ezikhahlamezeka kakhulu.

Isangoma sezulu sakwa-South African Weather Services uLehlohonolo Thobela uthe lesi siphepho sizofika e-Mozambique ngoLwesihlanu ngaphambi kokuthi sifike kuleli ngempelasonto.

Yize engeze ngokuthi kuzoba nzima ukubikezela ukuthi ingakanani imvula okufanele ilindelwe, lesi sangoma sezulu sixwayisa ngezikhukhula ezingase zibe khona.

Ngesonto eledlule uhulumeni umemezele isimo senhlekelele kazwelonke ezifundazweni ezikhahlanyezwe izikhukhula okuyiMpumalanga, i-Eastern Cape, iGauteng, KwaZulu-Natal, i-Limpopo, i-Northern Cape kanye nasezingxenyeni ezithile zase-North West.

Kodwa njengoba imvula inciphile kuleli sonto nabantu beqala ukululama, izindaba zesiphepho uFreddy ziphazamisa amathemba amahle.

Izikhukhula ezidalwe imvula enamandla kuleli zidlule nemiphefumulo yabantu abahlanu e-Eastern Cape naKwaZulu-Natal.

I-Kruger National Park nayo ithinteke kakhulu kanti amakhempu e-Crocodile Bridge kanye ne-Lower Sabie kudingeke ukuthi avalwe isikhashana.

I-South African National Parks (SANParks) ikuqinisekisile ukuthi izohlola noma yiziphi izikhukhula ezingase zibe khona ngenxa yemvula enamandla ezoba ngempelasonto.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Isiphepho uFreddy

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva