Ingebhe ngesifo sezingane

Dylan Bettencourt

Inhlangano yezempilo emhlabeni i-World Health Organisation (iWHO) isidalule ukubheduka kwesifo sokuvuvukala kwesibindi ezinganeni emazweni angu-12 ahlukene.

Kusukela ngoMasingana cishe zingu-170 izehlakalo zesifo sokuvuvukala kwesibindi eziqinisekisiwe ezinganeni kusukela kwenenyanga eyodwa kuya kwezineminyaka engu-16 ubudala.

I-Hepatitis ukuvuvukala kwesibindi futhi ngokuvamile iwumphumela wokutheleleka ngegciwane, ngokusho kwe-Centers for Disease Control and Prevention (i-CDC).

Abathelelekile abayishumi nesikhombisa badinga ukufakelwa isibindi kanti oyedwa ushonile.

Izingane eziningi eziqhamuka emazweni amaningana aseYurophu, e-United Kingdom, e-Spain nase-Denmark.

Okhulumela i-WHO uthe abakaqiniseki ngomsuka wokubheduka okubucayi kwe-hepatitis.

“Yize i-adenovirus ingumbono ongase ube khona, uphenyo lusaqhubeka ngento eyimbangela,” kusho i-WHO esitatimendeni.

Ososayensi abaphenya ngokunyuka okungazelelwe kwezifo sokuvuvukala kwesibindi baqinisekisa ukuthi kunezinhlobo ezinhlanu zaleli gciwane ngaphandle kokwehluka okuvamile okutholakala ezinganeni.

“Amagciwane avamile abangela i-acute viral hepatitis (ngamagciwane okuvuvuka kwesibindi A, B, C, D no-E) awakaze atholakale kunoma yisiphi salezi zimo.

“Nakuba kube nemibiko yezigameko zesifo sokuvuvukala kwesibindi ezinganeni ezinokutheleleka nge-adenovirus, uhlobo lwe-adenovirus 41 akwaziwa ukuthi luyimbangela yesifo yokuvuvuka kwesibindi ezinganeni eziphile saka,” kwengeza inhlangano yezempilo emhlabeni.

Ngemuva kokuthi i-WHO yaziswe okokuqala ngesifo sokuvuvukala kwesibindi mhla zinhlanu kuMbasa ngabathelekile abangu-10 e-Scotland, kutholakale ukuthi kunokutheleleka okusha kwabangu-74 e-UK.

Abaningi abaphethwe yilesi sifo bavela e-UK kanti abangu-114 kwabangu-170 bavela esizweni sase-Brithani.

Izimpawu ze-hepatitis zihlanganisa i-jaundice (ukuba phuzi kwamehlo nesikhumba), isifo sohudo, ukuhlanza kanye nobuhlungu besisu.

“Isifo sokuvuvukala kwesibindi esingenamandla sivame kakhulu ezinganeni ezilandela inqwaba yezifo ezibangelwa amagciwane, kodwa okubonwa njengamanje kwehluke kakhulu,” kusho uGraham Cooke, usolwazi wezifo ezithathelanayo e-Imperial College London, ekuqaleni kwaleli sonto.

I-CDC ixwayise ngokuthi leli gciwane lingasakazeka phakathi kwabantu ngokusondelana eduze.

Umthombo wesithombe: @CNN

Scrolla World Cup Quiz