Elmon Tshikhudo
Ngemuva kokuzitika ngezinkukhu ezingaphezu kwezingu-200 e-Bilankulu ehhokweni e-Mtititi ngaphandle kwase-Malamulele, ingwe ivele yakhathala yalala.
Umnakekeli uLouise Masango uthe uzwe umsindo ngoMgqibelo kusihlwa kanti ubone imilobo yengwe ngakusasa ekuseni.
“Ngilunguze ngefasitela ngabona ukuthi izinkukhu zifile. Bekunemilobo yengwe engena ehhokweni futhi ngiye ngaqaphela nokuthi imilobo yezinyawo ayikaphumi egcekeni,” usho kanje.
Esaba ukuthi kungenzeka ukuthi ingwe isengaphakathi ehhokweni, uMasango ubize abaqaphi base-Kruger National Park abasabele ngokushesha.
“Ngingene ehhokweni nomunye wabasebenzi kodwa kwadingeka ukuthi sisheshe sibaleke ngesikhathi sibhekena nalesi silwane ezinhlamvini zamehlo,” uchaze kanje
“Abasebenzi balethe izibhamu zabo bazama ukuyidubula kodwa yeqe uthango yabaleka.”
Kodwa ingwe ibingakaqedi ukuvakasha!
Lesi silwane esilambile sibuyile ukuze siqhubeke nedili laso ngeSonto kusihlwa.
“Ngize ngabona ngoMsombuluko ekuseni ukuthi sidle izinkukhu eziningi,” eqhuba.
Uthe uphinde wabiza abaqaphi kodwa ngesikhathi befika ingwe ayitholakalanga.
“Siphila ngokwesaba. Asazi ukuthi izophinde igadle nini. Ngokuzayo ingase idle thina esikhundleni sezinkukhu,” kusho uMasango.
Umqashi kaMasango, uPhineas Bilankulu uthe ukulahlekelwa yizinkukhu ezingu-250 esezilungele ukudayiswa kuphazamise ibhizinisi lakhe kakhulu.
“Ngiyethemba ukuthi isiqiwu sizokwenza okuthile ukunginxephezela. Ukulahlekelwa yizinkukhu kungangikhipha ebhizinisini. Kumele kwenziwe okuthile ukugcina izingwe endaweni yazo,” kusho uBilankulu.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezeMvelo nezokuVakasha e-Limpopo, uZaid Kalla, uthe izikhulu ziyayithungatha ingwe.
“UMnyango nomphakathi bazobheka okwenziwe yingwe bese benquma ngezinyathelo okumele zithathwe,” usho kanje.
UKalla uphinde waqinisekisa ukuthi kuphinde kwabonwa inyathi eyeqe esiqiwini kule ndawo ngesonto eledlule. Emizamweni yokunqanda lesi silwane, unogada wase-KNP ushone ngesikhathi eshaywa yinhlamvu ngephutha.
“Inyathi ibijaha izikhulu,” kusho uKalla.