
Dylan Bettencourt
Izinga lokugoma elihamba kancane eNingizimu Afrika lingase lenze ukuthi imithamo engu-100,000 yemithi yokugoma i-Pfizer icekeleke phansi ekupheleni kukaNdasa, ngokusho kukaNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla.
INingizimu Afrika iqophe isibalo esiphezulu sabantu abahaqwe yi-Covid-19 selokhu lolu bhubhane lwafika ezweni ngoNdasa ngo-2020.
Emasontweni adlule izinga lokugoma lehlile, njengoba u-29.1% wezwe usugonywe ngokugcwele. Uma kuqhathaniswa, u-57% wabantu emhlabeni wonke ugonywe ngokugcwele.
Amazinga okugoma athikamezekile asho ukuthi inani elikhulu lomuthi i-Pfizer kungase kudingeke ukuthi ulahlwe njengoba usozophelelwa isikhathi.
“Kunengozi yokuthi imithamo engaphezu kuka-100,000 noma ngaphezulu, ezophelelwa yisikhathi ekupheleni kukaNdasa, ingase ilahlwe,” kusho uPhaahla etshela isithangami sabezindaba kwi-inthanethi ngoLwesihlanu.
“Kuzoba wusuku oludabukisayo uma umthamo omkhulu wemithi ugcina ulahliwe. Siyethemba ukuthi ngeke kufinyelele kuleso sigaba,” engeza.
UNgqongqoshe wezeMpilo uthe kunemizamo eyenziwayo yokuqinisekisa ukuthi imigomo ayilahlwa.
Kubantu abadala ezweni, u-43% wabo ugonywe ngokugcwele. Kukhishwe imithi yokugoma engu-26,436 kuphela ngoMgqibelo ngomhlaka-5 kuNdasa.
Isibalo sabantu abagonywayo ngesonto kulelizwe sinciphe kakhulu kusukela ngoMandulo odlule.
NgoMandulo nyakenye bekunesilinganiso sabantu abayisigidi esisodwa abathola umgomo isonto ngalinye. Kusukela lapho, nyanga zonke ziye zehla izibalo.
NgoMasingana bangu-72,409 kuphela abantu ababegoma ngesonto. Ngesonto lokuqala likaNdasa kugome abantu abangu-82,902.
Selokhu iNingizimu Afrika yaqala ukukhipha imigomo yokuvuselela ngoZibandlela odlule, amanani alokhu enyuka kancane kancane njengoba sekukhishwe imigomo yokuvuselela engu-1,358,696 kuze kube manje.
Ngomhlaka-5 kuqoshwe isibalo esisha sabantu abangu-1,735 abahaqwe yi-Covid-19 kanti sekushone abangu-26 emahoreni angu-48 adlule.
Njengamanje iNingizimu Afrika ino-5.8% wabantu abahaqwe igciwane.
Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian