Ingebhe kwabasoLundi ngamabhubesi acanasayo

Linda Ximba

Kusuke isidumo njengoba amabhubesi ezulazula emphakathini wasoLundi, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngemuva kokuphuma ngembobo e-Hluhluwe eMfolozi Park emasontweni amabili edlule.

Abaningi emphakathini bayesaba ukuphuma ezindlini zabo ngenxa yokwesaba ukuhlaselwa, kanti amabhubesi adla imfuyo yabalimi bendawo.

Isimo sesishube kangangokuthi izakhamizi zendawo zizingela amabhubesi ngokwazo.

Isakhamuzi uSizwe Myaka utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sebekhathele ukuthola imfuyo efile nsuku zonke.

“Siqale sathola izinkomo ezinhlanu kodwa manje isibalo sikhula mihla namalanga. La mabhubesi abulala nezinja zethu zokuzingela. Sibhalele abe-KZN Wildlife sibazisa ngale ngozi kodwa bebelokhu behudula izinyawo,” kusho uMyaka.

“Lesi siqiwu besilokhu sikhona kusukela ngo-1968. Ngo-2015 kwanikezwa usonkontileka ithenda yokwakha ucingo. Ngemuva kwezinyanga ezintathu kwacekelwa phansi ucingo izilwane zasendle zasondelana nabantu zadla imfuyo yethu,” kuchaza uMyaka.

“Kubukeka sengathi usonkontileka akawuqedanga umsebenzi wabe esehamba ngemuva kokuholelwa.”

UMyaka uthe bake bahlaselwa izilwane phambilini, uthe uma izilwane zeqa ucingo akubona abantu bendawo nemfuyo yabo kuphela abahluphekayo.

“Emfuleni uMfolozi izindlovu zikwazi ukudlula kalula ocingweni olucekeleke phansi. Abe-KZN Wildlife bakwazile ukubamba okungenani eziyisishiyagalombili bazibulala.”

UMusa Mntambo, okhulumela abe-KZN Wildlife, ukuqinisekisile ukuthi amabhubesi yiwo anecala lokubulala imfuyo. UMntambo uthe ithimba labo labaphenyi libone izidladla zezilwane.

“Amabhubesi eqile abulale izinkomo ezinhlanu. Sihlangane nomphakathi. Sizohlangana nabathintekayo sibone ukuthi hlobo luni lwesinxephezelo esingaphuma nalo,” kusho uMntambo.

“Sisebenzela ukuthenga ucingo oluqinile.”

Izihloko zakamuva