Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Ekuseni ngeSonto ezinye izakhamizi zaseGoli zivuswe ukuzamazama komhlaba okunamandla okuhlasele izingxenye zesifundazwe.
Ukuzamazama komhlaba okungu-5.0 magnitude kubangele ukuthi izindlu nezakhiwo zizamazame ngamandla.
Abesimo sezulu esifundeni saseGoli baqale babelana ngemininingwane yokuzamazama komhlaba ezinkundleni zokuxhumana.
“Isilinganiso zokuzamazama komhlaba esingu-4.5 magnitude esiqale ngase-Boksburg e-East Rand sizwakale ezindaweni eziningi zaseGoli ngo-02:38 ekuseni,” kubhala i-Gauteng Weather ekhasini layo laku-Twitter.
Ulwazi lokuqala eliqoshwe uMkhandlu we-Geoscience lubonise u-4.7 magnitude wokuzamazama komhlaba kodwa-ke, i-SA National Seismograph Network ikholelwa ekutheni ukuzamazama kwangeSonto ekuseni bekunamandla kakhulu kunezehlakalo ezifanayo zakamuva.
Ayikho imibiko yokuthi kukhona umonakalo noma abantu abalimele ngenxa yokuzamazama komhlaba okuthathe imizuzwana okuzwakale kude njengasePitoli.
Izakhamizi ziye ezinkundleni zokuxhumana zazwakalisa imizwa yazo mayelana nokuzamazama komhlaba kanti omunye ezinkundleni zokuxhumana uchaza lokhu kuzamazama komhlaba ngokuthi bekufana “nesitimela esihambayo.”
Akukhona okokuqala kuba nokuzamazama komhlaba kulo nyaka. NgoNdasa i-Free State iye yahlaselwa ukuzamazama komhlaba okungazange kudale umonakalo.