Ingebhe kuxwayiswa ngezikhukhula ezinamandla KwaZulu-Natal 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Imiphakathi yaKwaZulu-Natal ibhekene nezikhukhula ezinkulu ngenxa yemvula enamandla engapheli esifundazweni.

I-South African Weather Services isibeke isifundazwe ngaphansi kwesixwayiso sesimo sezulu sesigaba sesishiyagalolunye.

Kukhishwe isexwayiso sesigaba sesishiyagalolunye ngenxa yokuphazamisa kwemvula okuholele ekutheni kube nezikhukhula emigwaqeni nasezindaweni zokuhlala kanjalo nokushona kwabantu.

UMasipala weTheku uwodwa kungenzeka uhlaselwe izimvula ezinamandla ezingu-200mm phakathi kwangoLwesine noLwesihlanu.

“Sinxusa imiphakathi esezindaweni ezithintekile ukuthi ihlale iqaphile futhi uma kwenzeka ihlale ngaphakathi ezindlini. Abashayeli bezimoto kumele baqaphele ngaso sonke isikhathi. Uma bebhekene nengozi kumele basheshe baphume ezimotweni bagijimele ezindaweni eziphakeme ukuze baphephe,” kusho isitatimende se-South African Weather Services.

Ezinye izindawo okuthiwa zingase zibe sengcupheni yemvula engaphezu kuka-50mm ngomasipala abampofu nabasemaphandleni abasenyakatho nasempumalanga yeKwaZulu-Natal.

Phakathi kwazo kubalwa iMandeni, uMlalazi, i-Big 5 Hlabisa, uMhlabuyalingana, iHluhluwe, uMhlathuze, uMshwathi, KwaDukuza, i-Richmond neNdwedwe.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnu Sihle Zikalala usenxuse imiphakathi ukuthi isebenzisane namathimba ezinhlekelele ukuze kugwemeke ukulahleka kwemiphefumulo.

IKwaZulu-Natal ayiqali ukuhlaselwa isimo sezulu esibi kakhulu njengoba imiphakathi eminingi isawuzwa namanjeumthelela wezikhukhula eziyingozi zangoMbasa nyakenye.

Bangu-461 abantu okwabikwa ukuthi bashonile ngoNhlangulana nyakenye ngenxa yalezi zikhukhula.

Isakhamuzi uNksz Nobuhle Memela waseMgungundlovu uthe ngemuva kokusatshalaliswa kwalesi saziso ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili, baqale ukushaywa uvalo ngoba abazi noma izindlu zabo zizobe zisamile yini ngemuva kwempelasonto.

Esithombeni esingenhla: Imvula enamandla KwaZulu-Natal

Umthombo wesithombe: TimesLive

Izihloko zakamuva