Arthur Greene
Amaphoyisa ase-New Zealand aqale uphenyo lokubulala ngemuva kokuthi kutholwe izidumbu zezingane ezimbili ngaphakathi emapotimendeni athengwe endalini kwi-inthanethi.
Umndeni wase-Auckland uye washaqeka ngesikhathi uvula amapotimende obusanda kuwathenga.
Amapotimende ebengaphakathi kwe-container engasasetshenziswa ebifakwe endalini ukuze kuvuleke indawo. Yize kuthiwa umndeni uke waya ukuyobona le-container, ubungazi ukuthi yini engaphakathi kuyo.
Izisulu bezingakahlonzwa neminyaka yazo ayaziwa. Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi izidumbu ezimbili zezingane.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesine, uDetective Inspector Tofilau Faamanuia Vaaelua uthe ukuhlolwa kwezidumbu kukhomba ukuthi izingane ziphakathi kweminyaka emihlanu kanye neyishumi ubudala.
Kukholakala ukuthi izidumbu zabo zagcinwa endaweni yokugcina izinto iminyaka eminingana, kanti manje amaphoyisa asexwayise ngokuthi kungase kutholakale ezinye izidumbu.
Ukuhlolwa kwezidumbu bekungakayicacisi imbangela yokushona kwalezi zingane.
UVaaelua akakwazanga ukuqinisekisa ukuthi amaphoyisa axoxile yini nomnikazi wangaphambili we-container yokugcina impahla, kodwa uthe amaphoyisa asebenzisana nezinhlaka zaphesheya kwezilwandle njengengxenye yophenyo lwabo.