Ingebhe kushona oyedwa ngesohudo

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Iziphathimandla zithumele umtholampilo ongumahamba nendlwana e-Diepsloot, e-Soweto, eGoli lapho abantu abangu-12 abatheleleke ngesifo sohudo beqashwe ngeso lokhozi.

Kuze kube manje owesilisa (24) wase-Benoni ubulawe isifo sohudu kanti ubengowokuqala ukubulawa isifo sohudo kuleli eminyakeni engaphezu kweyishumi.

UNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla uthe umufi ubengenawo umlando wokuvakasha.

“Omunye wabathintane naye usesibhedlela kanti kusaphenywa,” esho.

“Isidumbu sakhe sizothuthwa siyiswe KwaZulu-Natal ukuze singcwatshwe, kanti izikhulu zezempilo zizoluleka umndeni oshonelwe kanye nabangcwabi ngendlela ephephile ukuze kugwenywe ukubhebhetheka kwalesi sifo.

Uthe ithimba elibhekele ukubheduka kwalesi sifo lenze uphenyo ngalokhu kutheleleka laphinde lavakashela lapho okuhlala khona isiguli nalapho esisebenza khona.

Odade ababili base-Diepsloot batholwe bethetheleke ngalesi sifo ngemuva kokuya emngcwabeni e-Malawi lapho lesi sifo esibhebhetheke khona.

Umyeni womunye wodade naye uthelelekile.

UNgqongqoshe uxwayise umphakathi ukuthi uhlale uhlanzekile ezandleni ukuze kugwemeke ukubhebhetheka kwalesi sifo.

“Abantu bengatheleleka ngokungaqondile ngokuphuza amanzi angcolile, noma ngokungaqondile noma ngokudla ukudla okungcolile. Izimpawu zihlanganisa ukuphelelwa amanzi emzimbeni, ukuphalaza kanye nokuba buthakathaka komzimba,” esho.

“Bonke abantu ababa nezimpawu ezifana nezesifo sohudu abanomlando wokuvakasha emazweni angaphandle bayakhuthazwa ukuthi bavakashele izikhungo zezempilo eziseduze ngokushesha ukuze bayohlolwa baqinisekise ukuthi bathelelekile yini ukuze bezokwelashwa kusenesikhathi,” esho.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla 

Umthombo wesithombe: @GovernmentZA

Izihloko zakamuva