Ingebhe kuqubuka isifo sesimungumungwane

Karabo Rammutla

Sekunxuswe abezempilo  ukuthi baqaphele njengoba sekuqubuke isimungumungwane esihlasela izingane kuleli.

Sekutholakale izingane ezintathu eziphethwe isimingumungwane esifundeni sase-Greater Sekhukhune e-Limpopo kusukela ngoMandulo nangoMfumfu. 

I-National Institute for Communicable Diseases (NICD) ithole lezi zigameko ezikhungweni zokunakekelwa kwezempilo ezimbili.

Isimungumungwane siqale ukuvela okokuqala ngomhlaka-22 nangumhlaka-25 ngoMandulo, kanti okwesithathu sitholakale mhla zimbili kuMfumfu. 

Izingane ezitholwe nalokhu kubalwa eneminyaka-11, enonyaka nenezinyaga ezingu-11. I-NICD ithe izingane ezimbili zazingagonyelwanga isimungumungwane, kodwa abasazi isimo sokugonywa kwengane yesithathu.

Isimingumungwane sidalwa amagciwane ayingozi ezinganeni ezincane, kodwa singanqandwa kalula ngomgomo.

Siyathathelana kakhulu kanti sijwayele ukusabalala uma umuntu ekhwehlela noma ethimula.

Isimungumungwane sibonakala ngezimpawu ezijwayelekile, njengokukhwehlela, i-conjunctivitis, noma ikhala elivalekile noma elicinene.

Ezinye izimpawu ezibonakala ngaphambi kokuqubuka kwezimpawu  umkhuhlane, ukukhathala, nobuhlungu bemisipha.

NgoNhlaba abantu abane base-Gauteng batholakale ukuthi basesimungumungwane

Isithombe esingenhla sikhombisa isimungumungwane esiqala njenge-rash

Umthombo wesithombe: Rekord Pretoria

Izihloko zakamuva