Kamogelo Olaitan
Abathengi bakhokha kakhulu ngezinto eziyisisekelo njengoba ukwehla kwamandla emali kudlule amazinga aphezulu kusukela ngoNhlaba ngo-2009 ngenxa yentengo kaphethiloli nokudla.
Izinga lokwenyuka kwezinkwa nama-cereal ngonyaka, ngokwe-Stats SA, lenyuke lisuka ku-8.4% ngoNhlaba laya ku-11.2% ngoNhlangulana.
NgoLwesithathu i-Stats SA ikhiphe imininingwane ekhombisayo ukuthi amanani abathengi anyuke afinyelela ku-7.4% ngoNhlangulana esuka ku-6.5% ngoNhlaba kulo nyaka.
Ukwenyuka kwamanani entengo okudla neziphuzo ezingadakwani okungu-8.6% unyaka nonyaka ngoNhlangulana kuyizinga eliphezulu lonyaka lokudla neziphuzo kusukela ngoNdasa ngo-2017.
Okwenza izinto zibe zimbi kakhulu, imikhiqizo emikhulu efaka isandla ekwenyukeni kwamanani entengo yokudla okuyisisekelo kubalwa kukho isinkwa, okusanhlamvu, inyama kanye namafutha.
Ngokwesilinganiso imindeni yakuleli ichitha okungenani u-R6,000 ngenyanga ekudleni kanti lokhu kungaphezu kwemiholo ephansi.
Amanani empuphu yommbila anyuke ngo-5.2%, isinkwa esinsundu ngo-3.2%, ngesikhathi i-pasta inyuke ngo-3%.
Intengo yenyama inyuke ngo-9.5% ezinyangeni ezingu-12 kuya kuNhlangulana, ngo-1% ngaphezu kuka-9.4% orekhodiwe ngoNhlaba. Ukwenyuka kwamanani amakhulu kusabalele kuyo yonke imikhiqizo, njengoba i-french polony iqophe intengo ephezulu kakhulu yonyaka ngo-19%.
Uwoyela namafutha kuhlangabezane nokwehla kwamandla emali okusezingeni eliphezulu ngokunyuka kwaminyaka yonke kusukela ngoNhlaba nyakenye.
Amanani okugibela izithuthi zomphakathi anyuke ngo-14.3% kusukela ngoNhlangulana nyakenye aphinde anyuka ngo-4.3% kusukela ngoNhlaba kulo nyaka kanti imali yokugibela amatekisi inyuke ngo-2.7%, imali yendiza ngo-7.1% ngesikhathi amabhasi ahamba amabanga amade enyuke ngo-11.7%.
Umthombo wesithombe: @Forbes