Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Zisale dengwane izakhamizi eziningi eNanda eNyakatho yeTheku ngesikhathi kuhlasela isiphepho esinamandla esilimaze uphahla lwezindlu, sacekela phansi nezinto eziningi kubalwa nezimpawu zomgwaqo ngoLwesibili ntambama.
Imvula enamandla ihlasele izingxenye zaseNanda phakathi kwehora lesibili nelesine ntambama ngoLwesibili yacekela phansi imizi eminingi.
Izindawo eziningi ezithinteke kakhulu kubalwa kwa-Bester, i-Phoenix, iDube Village, i-Bhambayi naseKuphakamenilapho okuhlala khona umphakathi ongaphansi kwebandla lamaNazaretha uShembe.
Abebeshayela ku-M25 nasemgwaqeni Malandela bathole ukushaqeka ngesikhathi bebona uphahla lwezindlu lundiza phezulu.
Kumavidiyo abesatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana abantu bebezwakala bekhala ezimotweni bethandazela ukuphepha ngesikhathi isiphepho sihlasela emgwaqeni.
IDube Village eyalahlekelwa inxanxathela yezitolo ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi ngo-2021 neziphaza eziningi ishayeke kakhulu.
Esithombeni esingenhla: Isiphepho sihlasele imiphakathi eminingi yaseThekwini
Umthombo wesithombe: Twitter