Ingebhe kubuya ukhuvethe e-China

Amazwe amaningana emhlabeni jikelele okuhlanganisa iMelika ne-UK abeke imikhawulo yokuhambela e-China ngemuva kokuqubuka kabusha kwe-Covid-19 kuleliyazwe.

Ukutheleleka kuleliyazwe kuye kwabhebhetheka kakhulu ngoZibandlela ngemuva kokuthi uhulumeni ehlise imikhawulo yakhe eqinile.

Iziphathimandla zivumile ukuthi lokhu kuqubuka “kunzima ukulandelwa.” Uhulumeni wase-China umemezele ngesonto eledlule ukuthi uzoyeka ukuqopha isibalo sabantu ababulawa i-Covid-19. Khonamanjalo, i-National Health Commission yase-Beijing ithe ngoMgqibelo ngeke isashicilela izibalo zabathelelekile nsuku zonke.

Amanye amazwe abeke imithetho eyisibopho okuhlanganisa nokuhlolelwa i-Covid-19 kubantu abavela e-China.

Kusukela mhla zinhlanu kuMasingana kulo nyaka amazwe ambalwa okubalwa kuwo iMelika, i-Australia, i-Canada, i-UK ne-European Union azosebenzisa umthetho omusha oyimpoqo wokuhlolela i-Covid-19 kubantu abavela e-China.

Kodwa-ke, kuze kube manje elakuleli likhethe ukungabeki imikhawulo kubantu abavela e-China.

“Asikho isidingo sokuthi umphakathi wethuke,” kusho okhulumela uMnyango wezeMpilo uFoster Mohale, kubika i-EWN.

Imithetho yokuvakasha emisha ehlobene ne-Covid-19 esetshenziswa amazwe idinga ukuthi bonke abantu abavela e-China baveze umphumela wokuhlolelwa i-Covid-19 oshoyo ukuthi abathelelekile othathwe zingakapheli izinsuku ezimbili ngaphambi kohambo lwabo.

I-Japan ibengelinye lamazwe okuqala ukubeka imithetho emisha kwabavela e-China ngokuthi umuntu aveze umphumela wokuhlolelwa i-Covid-19 oshoyo ukuthi akathelelekile.

Imithetho ifaka phakathi labo abasuka e-Hong Kong nase-Macau.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Esithombeni esingenhla: Odokotela bahlola izihambi

Umthombo Wesithombe: The Citizen

Izihloko zakamuva