Ingebhe kubulawa abathathu eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Akwaziwa ukuthi kungani umuntu engabulala ingane (4) unina wayo kanye nomakhelwane wabo.

Imbangela yokubulawa kwabantu abathathu emijondolo yase-Kosovo, e-Samora Machel eKapa kuyindida eshiye umphakathi ushaqekile futhi wethukile ubambe ongezansi unemibuzo engaphenduleki.

UNokubonga Mqathane (36) osinde ngokulambisa ulandise ngezigameko ezibuhlungu ezenzeke ngoMgqibelo kusihlwa.

“Bengivakashele umakhelwane wami ngesikhathi kunokucishwa kukagesi. Umyeni wami uhambe nami ngoba ungumngani kamakhelwane wami,” kusho uNokubonga.

“Sithe sisaxoxa kwangqongqoza umuntu emnyango. Bekungowesilisa obuze ukuthi umyeni kamakhelwane wami ukhona yini ekhaya. Siphendule sathi akekho futhi lo mlisa uvele wahamba engashongo lutho.”

Ngemuva kwesikhashana lo mlisa uye wabuya watshelwa into efanayo.

“Umyeni kamakhelwane wami ubengakabuyi ekhaya. Ngaleso sikhathi umyeni wami ubekhona elinde umyeni kamakhelwane wami,” esho.

“Kodwa umsolwa uvele waba nolaka waqala udlame.”

Kube sekwenzeka into ethusayo.

“Uqale ukudubula wabulala wonke umuntu obengaphakathi endlini. Njengoba bekuyisikhathi sokucishwa kukagesi ubengaboni kahle. Angazi ukuthi mina, indodakazi yami nabanye abantu sisinde kanjani,” kusho uNokubonga.

Ekugcineni kushone uLelothando (4) unina uNeziswa Dlephu kanye nomakhelwane wabo uMwezi Mqathane.

U-Abongile Gqomorhwana (28) oyilungu lomndeni uthe umndeni ukhungathekile futhi udidekile.

“Asazi ukuthi siphephile yini. Sikholelwa ekutheni lo muntu obulale laba abantu ubefuna ukuzobulala umyeni kaNeziswa njengoba efike wabuza ukuthi ukuphi,” esho.

Ukulahleka kwezimpilo ikakhulukazi eyengane encane uLelothando kuwuhlukumeze kakhulu umphakathi.

“Ubelele ngokuthula ngesikhathi eshaywa izinhlamvu ngemuva kwendlebe,” kusho u-Abongile.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape, uColonel Andre Traut usiqinisekisile lesi sigameko.

“Isidumbu sowesifazane (43) ingane yakhe (4) kanye nesowesilisa (38) zitholwe endaweni yesigameko. Zontathu izisulu zidutshuliwe,” kusho uTraut.

Esithombeni esingenhla: ULelothando Dlephu (4), umama wakhe uNeziswa kanye nomakhelwane wabo uMwezi Mqathane abashone esigamekweni sokudubula esishaqisayo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva