Ingebhe kubulawa abantu kweyobumnandi eMgungundlovu

Lungi Langa

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal usejube amaphoyisa engeziwe ngemuva kwesigameko sokudubula lapho okubulawe khona abantu abane kwalimala abayisishiyagalombili endaweni yokucima ukoma e-Sweetwaters, eMgungundlovu ngoMgqibelo ebusuku.

Lesi sigameko sokudubula singesesibili ezinyakazise izwe lonke ngempelasonto, kwesinye kubulawe okungenani abantu abangu-15 endaweni yokucima ukoma e-Soweto ngobusuku obubodwa.

ULieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe usejube amalungu ophiko lwe-Crime Intelligence, ongoti bezobunhloli kanye nophiko losomaqhinga ukuze babe ingxenye yethimba labaphenyi eliholwa uphiko oluphenya ngobugebengu obuhleliwe esifundazweni.

“Ithimba lizobe lisebenza ubusuku nemini lithungatha abasolwa futhi lizobopha labo abathintekayo kulokhu kudubula,” kusho uGeneral Mkhwanazi.

Kuthiwa abesilisa ababili abahlasele kule ndawo, kanti babili abashonela endaweni yesigameko ngesikhathi abanye ababili beshonela esibhedlela.

Kuze kube manje akukaboshwa muntu kanti amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuthi aphumele obala azobasiza.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uNqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

“Idokodo lidluliselwe ophikweni lwe-Provincial Organised Crime okuyilona oluzoqhuba uphenyo,” kusho uGwala.

Amaphoyisa anxuse noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte i-Crime Stop ku-08600 10111 noma ku-MySAPSApp kunoma imuphi umakhalekhukhwini wohlobo lwe-Android noma i-iPhone.

Ukubulawa kwabantu kugxekwe uMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa.

Izihloko zakamuva